Isaya

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42 43 44 45 46 47 48 49 50 51 52 53 54 55 56 57 58 59 60 61 62 63 64 65 66

0:00
0:00

Isahluko 14

Ngokuba uJehova uyakumhawukela uJakobe, abuye amkhethe u-Israyeli, ababeke ezweni lakubo; nabafokazi bayakuzihlanganisa nabo, banamathele endlini kaJakobe.
2 Abantu bayakubathatha, babayise ezindaweni zabo; indlu yakwa-Israyeli iyakubenza ifa ezweni likaJehova, babe yizinceku nezincekukazi, babathumbe labo abakade bethunjiwe yibo, babuse phezu kwabacindezeli babo.
3 Kuyakuthi ngosuku uJehova akuphumuza ngalo ebuhlungwini bakho, nasekuhluphekeni kwakho, nasemsebenzini olukhuni obusetshenziswa ngawo,
4 uphakamise lesi saga ngenkosi yaseBabele, uthi: “Yeka ukuphela komcindezeli nokugcina kokubhensa!
5 UJehova waphulile udondolo lwababi nentonga yababusi
6 eyashaya abantu ngentukuthelo ngokushaya okunganqamukiyo, eyabusa izizwe ngolaka ngokuzingela okunganqandwanga.
7 Wonke umhlaba uyaphumula, usenokuthula; baqhumuka ngokuhlabelela.
8 Yebo, nemisayipuresi ithokoza ngawe, kanye nemisedari yaseLebanoni, ngokuthi: ‘Selokhu walaliswa phansi, akakho umgawuli okhuphukela kithina.’
9 Indawo yabafileyo ngaphansi inyakazisiwe ukuba ikuhlangabeze ekufikeni kwakho, ikuvusele izithunzi, zonke izikhulu zomhlaba, isukumise onke amakhosi ezizwe ezihlalweni zawo zobukhosi.
10 Onke ayakuthatha athi kuwe: Nawe usubuthakathaka njengathi, usufana nathi, na?
11 Ubukhosi bakho sebehliselwe endaweni yabafileyo, umsindo wezingubhu zenu; izimpethu zenekiwe ngaphansi kwakho, nezibungu ziyakusibekela.
12 “Yeka ukuwa kwakho ezulwini, khwezi elikhanyayo, ndodana yokusa, nokunqunyelwa kwakho phansi, wena owawuthobisa izizwe.
13 Wena wathi enhliziyweni yakho: ‘Ngiyakukhuphukela ezulwini, ngiphakamise isihlalo sami sobukhosi phezu kwezinkanyezi zikaNkulunkulu, ngihlale entabeni yomhlangano ngasekugcineni kwasenyakatho.
14 Ngiyakukhuphuka phezu kwezindawo eziphakemeyo zamafu, ngizenze ngibe ngangoPhezukonke.’
15 Kepha uyakwehliselwa endaweni yabafileyo, ekugcineni komgodi.
16 “Abakubonayo bayakugqolozela, bakuqaphele, bathi: ‘Nguye lo muntu owawuzamazamisa umhlaba, wanyakazisa imibuso,
17 owenza izwe laba yihlane, wayichitha imizi yalo, akavumela iziboshwa zakhe ukuba zigoduke, na?’
18 Onke amakhosi ezizwe, onke alala ngodumo, yileyo naleyo endlini yayo.
19 Kepha wena ulahliwe ngaphandle kwethuna lakho njengegatsha elinengekayo, ligqokwe ngababuleweyo, abahlatshwe yinkemba, abehlela ematsheni omgodi njengesidumbu esinyathelweyo.
20 Awuyikuhlanganiswa nabo ekumbelweni, ngokuba uchithile izwe lakho, wabulala abantu bakho; inzalo yababi ayisayikubizwa ngegama naphakade.
21 Lungiselani abantwana bakhe ukubulawa ngobubi bawoyise, ukuze bangavuki, badle ifa lomhlaba, bagcwalise ubuso bezwe ngemizi.”
22 “Ngiyakubavukela,” usho uJehova Sebawoti, “nginqume eBabele igama, nensali, nendodana, nomzukulwana,” usho uJehova.
23 “Ngiyakulenza libe yifa likanondwebu namachibi amanzi, ngilishanele ngomshanelo wencithakalo,” usho uJehova Sebawoti.
24 UJehova Sebawoti ufungile, wathi: “Impela njengokulinganisa kwami kuyakuba njalo, nanjengokunquma kwami kuyakuma kanjalo
25 ukuthi ngiyakumaphula owase-Asiriya ezweni lami, ngimnyathele phansi ezintabeni zami; bese lisuka kubo ijoka lakhe, nomthwalo wakhe usuke emahlombe abo.”
26 Yilesi esiyisinqumo esinqunyiwe emhlabeni wonke; yilesi esiyisandla eseluliwe phezu kwezizwe zonke.
27 Ngokuba uJehova Sebawoti unqumile; ngubani ongakuchitha na? Isandla sakhe singeseluliweyo; ngubani ongasibuyisa na?
28 Ngomnyaka wokufa kwenkosi u-Ahazi kwavela lesi siprofetho.
29 Ungathokozi wena Filistiya lonke ngokuthi intonga ekushayileyo yaphukile, ngokuba empandeni yenyoka kuyakuphuma ibululu, nenzalo yalo iyakuba yinyoka endizayo.
30 Amazibulo abampofu ayakuklaba, nabaswelayo bayakulala belondekile; ngiyakubulala impande yakho ngendlala, nensali yakho iyakubhujiswa.
31 Klewula wena sango, dazuluka wena muzi, phela amandla wena Filistiya lonke! Ngokuba enyakatho kuvela umusi; akakho oyakwahlukana nebutho lakhe.
32 Izithunywa zesizwe ziyakuphendulwa ngokuthini na? Ukuthi nguJehova obeke isisekelo eSiyoni; abahluphekayo babantu bakhe bayakuphephela kulo.