Isaya

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42 43 44 45 46 47 48 49 50 51 52 53 54 55 56 57 58 59 60 61 62 63 64 65 66

0:00
0:00

Isahluko 57

Olungileyo uyabhubha, akakho okubeka enhliziyweni; abantu abanomusa bayasuswa, kungaqondi muntu. Olungileyo uyasuswa ebubini,
2 angene ekuthuleni; abahambe ngobuqotho bayakuphumula emibhedeni yabo.
3 “Kepha sondelani nina madodana abahlola imihlola, inzalo yomphingi neyesifebe.
4 Nidlala nobani, nikhamisela bani umlomo, ninyalizela bani, na? Anisibo abantwana beziphambeko, inzalo yamanga yini,
5 nina enisha phakathi kwama-oki phansi kwayo yonke imithi eluhlaza, enibulala abantwana ezigodini phansi emifantwini yamadwala, na?
6 Isabelo sakho siphakathi kwamatshe abushelezi asesigodini; wona yiwo angawenkatho yakho; nakuwona uthululele umnikelo wokuphuzwa, wenza umnikelo wempuphu. Ngiyakwaneliswa ngalokhu na?
7 Entabeni ende nephakemeyo uwubekile umbhede wakho; futhi wakhuphukela khona ukunikela ngomhlatshelo.
8 Wabeka isithombe sakho emva kwezicabha nezinsika, wazambulela omunye kunami, wakhwela embhedeni, wawandisa, wavumelana nabo, wayithanda imibhede yabo, wazibonelela indawo.
9 Waya kuMoloki uphethe amafutha, wawandisa amakha akho; wathumela kude izithunywa zakho, wazehlisela nasendaweni yabafileyo.
10 Wakhathala ngobude bendlela, kepha awushongo ukuthi: ‘Kuyize.’ Wathola amandla aneleyo, ngalokho awuphelanga amandla.
11 “Washaywa luvalo ngobani, wamesaba, waze waqamba amanga, awangikhumbula, futhi ungakubekanga enhliziyweni yakho, na? Angithi njengokuba ngithulile kwasendulo, awungesabi, na?
12 Mina ngiyakumemezela ukulunga kwakho nemisebenzi yakho; kepha akuyikukusiza.
13 Ekukhaleni kwakho izixuku zezithombe zakho mazikophule, kepha umoya uzakuzisusa zonke, ukuphefumula kuzithathe; kodwa othemba kimi uzakudla ifa lezwe, adle nefa lentaba yami engcwele.”
14 Kuyakuthiwa: “Hlelani, hlelani, nilungise indlela, nisisuse isikhubekiso endleleni yabantu bami.”
15 Ngokuba usho kanje ophakamileyo nophezulu, ohlala kuze kube phakade, ogama lakhe lingoNgcwele, uthi: “Ngihlala endaweni ephakemeyo nengcwele, kepha nakuye onomoya ochotshoziweyo nothobekileyo, ukuvuselela umoya wabathobekileyo nokuphilisa izinhliziyo zabachotshoziweyo.
16 Ngokuba angiyikulwa kuze kube phakade, angiyikuthukuthela njalonjalo, ngokuba umoya ubuyakuphela phambi kwami, leyo miphefumulo engiyenzileyo.
17 Ngenxa yobubi bokuhaha kwakhe ngathukuthela, ngamshaya, ngazisitheza ngisathukuthele, kepha waqhubeka wahlubuka ngendlela yenhliziyo yakhe.
18 Ngizibonile izindlela zakhe, ngiyakumphilisa; ngiyakumhola, ngimduduze yena nabamlilelayo,
19 ngidala izithelo zezindebe zomlomo ngokuthi: Ukuthula, ukuthula kuye okude nakuye oseduze,” usho uJehova; “ngiyakumphilisa.”
20 Ababi banjengolwandle olunyakazisiweyo, ngokuba alunakuphumula, namanzi alo akhipha udaka nobishi.
21 “Akukho ukuthula kwababi,” usho uNkulunkulu wami.