Isaya

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42 43 44 45 46 47 48 49 50 51 52 53 54 55 56 57 58 59 60 61 62 63 64 65 66

0:00
0:00

Isahluko 48

“Yizwa lokhu wena ndlu kaJakobe obiziwe ngegama lika-Israyeli, waphuma emanzini akwaJuda, ofunga igama likaJehova, odumisa uNkulunkulu ka-Israyeli, kungengaqiniso nakulunga kodwa.
2 Ngokuba bazibiza ngomuzi ongcwele, bencika kuNkulunkulu ka-Israyeli, nguJehova Sebawoti igama lakhe.
3 Ngimemezele izinto zakuqala zamandulo, zaphuma emlonyeni wami, ngazizwakalisa; ngazenza ngokuzumayo, zenzeka.
4 Ngokuba bengazi ukuthi unenkani, nentamo yakho ingumsipha wensimbi, nebunzi lakho liyithusi,
5 ngazimemezela kwasendulo, ngazizwisa kungakenzeki, funa usho uthi: ‘Isithombe sami sizenzile, isithombe sami esibaziweyo, nesithombe sami esibunjiweyo siziyalezile.’
6 Wawukuzwile konke lokho; wakubona; awuyikukumemezela na? “Ngikuzwisile okusha kusukela namuhla, yebo, nokusithekileyo ongakwazanga.
7 Kudaliwe manje, kungesendulo; awukuzwanga ngaphambi kwalolu suku, funa uthi: ‘Bheka, bengikwazi.’
8 Yebo, awuzwanga, awazanga, kwasendulo indlebe yakho ayivulwanga, ngokuba bengazi ukuthi wawukhohlisa nokukhohlisa, wabizwa ngokuthi umhlubuki kwasekuzalweni.
9 Ngenxa yegama lami ngiyakulibazisa intukuthelo yami, ngizibambele wena ngodumo lwami ukuba ngingakunqumi.
10 Bheka, ngikucwengisisile, kungavelanga isiliva kodwa; ngikuvivinyile esithandweni sezinhlupheko.
11 Ngenxa yami, ngenxa yami ngiyakwenza, ngokuba igama lami lingcoliselwani na? Anginiki omunye inkazimulo yami.
12 “Ngilalele, Jakobe, wena Israyeli, obiziweyo wami; ngisenguye, ngingowokuqala, futhi ngingowokugcina.
13 Yebo, isandla sami sisibekile isisekelo somhlaba, nesokunene sami silenekile izulu; lapho ngikubizayo, kuma ndawonye.
14 “Buthanani nina nonke, nizwe; ngubani phakathi kwabo omemezela lezi zinto na? Amthandayo uJehova uyakuyifeza intando yakhe ngeBabele, nengalo yakhe iyakuba phezu kwamaKaledi.
15 Mina, mina ngikhulumile, yebo, ngimbizile, ngimlethile, uyakuphumelela endleleni yakhe.
16 “Sondelani kimi, nizwe lokhu; angikhulumanga ekusithekeni kwasekuqaleni; kusukela esikhathini sokuba kwenzeke, ngangikhona.” Manje uJehova uNkulunkulu ungithumile kanye noMoya wakhe.
17 Usho kanje uJehova uMhlengi wakho, oNgcwele ka-Israyeli, uthi: “NginguJehova uNkulunkulu wakho okufundisile okukusizayo, okuholile ngendlela omelwe ukuhamba ngayo.
18 Sengathi nga ulalele imiyalo yami! Khona ukuthula kwakho kwakuyakuba njengomfula, nokulunga kwakho njengamaza olwandle;
19 nenzalo yakho yayiyakuba ngangesihlabathi, nabantwana bezibilini zakho njengezinhlamvu zaso; igama lakhe nga linganqunywanga, lachithwa ngaphambi kwami.”
20 Phumani eBabele, nibalekele amaKaledi, nimemezele lokhu ngezwi lokujabula, nikuzwakalise lokhu, nikuphumisele nasemikhawulweni yomhlaba, ngokuthi: “UJehova uhlengile inceku yakhe uJakobe.”
21 Kabomanga lapho ebahola emahlane, wenza ukuba amanzi abagobhozele edwaleni; futhi waliqhekeza idwala, amanzi ampompoza.
22 “Akukho ukuthula kwababi,” usho uJehova.