Isaya

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42 43 44 45 46 47 48 49 50 51 52 53 54 55 56 57 58 59 60 61 62 63 64 65 66

0:00
0:00

Isahluko 63

Ngubani lona ovela kwa-Edomi enezingubo ezibomvu zakwaBosira, lona ohlobile ngezambatho zakhe ehamba ngobukhulu bamandla akhe, na? “Yimi engikhuluma ngokulunga nenginamandla okusindisa.”
2 Kungani ukuba izambatho zakho zibomvu, nezingubo zakho zinjengezonyathela esikhamweni sewayini, na?
3 “Isikhamo sewayini ngisinyathele ngingedwa; kwakungekho nami noyedwa kubantu; ngabanyathela ngentukuthelo yami, ngabaciphiza ngokufutheka kwami, negazi labo lasaphazeka ezingutsheni zami, ngazingcolisa zonke izambatho zami.
4 Ngokuba usuku lokuphindisela lwalusenhliziyweni yami; umnyaka wokuhlenga kwami usufikile.
5 Ngabheka, kepha kwakungekho osizayo; ngamangala, kepha kwakungekho osekelayo; yayisingisindisa ingalo yami, nokufutheka kwami kwangisekela.
6 Ngase nginyathela abantu ngentukuthelo yami, ngabachoboza ngokufutheka kwami, ngathululela phansi igazi labo.”
7 Ngiyakubonga umusa kaJehova, ngimdumise uJehova ngakho konke uJehova asenzele khona, nokuhle okuningi phezu kwendlu ka-Israyeli ayisebenzele khona ngobubele bakhe nangobuningi bomusa wakhe.
8 Wathi: “Nempela bangabantu bami, abantwana abangakhohlisi,” waba ngumsindisi wabo.
9 Ezinhluphekweni zabo zonke wahlupheka naye, ingelosi yobuso bakhe yabasindisa; ngothando lwakhe nangokuhawukela kwakhe wabahlenga, wabanqukula, wabathwala zonke izinsuku zakuqala.
10 Kepha bahlubuka, badabukisa uMoya wakhe oNgcwele, waphenduka isitha sabo, walwa nabo.
11 Abantu bakhe base bekhumbula izinsuku zakuqala zikaMose, bathi: Uphi yena owabakhipha elwandle kanye nabelusi bomhlambi wakhe, na? Uphi yena owabeka uMoya wakhe oNgcwele phakathi kwabo,
12 owenza ukuba ingalo yakhe emangalisayo ihambe ngakwesokunene sikaMose, owahlukanisa amanzi phambi kwabo ukuba azenzele igama eliphakade;
13 owabadabulisa elwandle njengehhashi ehlane, ukuze bangakhubeki, na?
14 Njengezinkomo ezehlela esigodini uMoya kaJehova wabaphumuza. Wahola kanjalo abantu bakho ukuba uzenzele igama elimangalisayo.
15 Bheka usezulwini, ubone usendaweni yobukhosi bakho neyodumo lwakho: kuphi ukushisekela kwakho nemisebenzi yakho yamandla na? Ukuvutha kwesihe sakho nobumnene bakho kugodliwe kimi.
16 Ngokuba wena unguBaba; ngokuba u-Abrahama akasazi, no-Israyeli akasivumi. Wena Jehova unguBaba; igama lakho linguMhlengi wethu waphakade.
17 Jehova, usidukiselani ezindleleni zakho, uzenze lukhuni izinhliziyo zethu zingakwesabi, na? Buya ngenxa yezinceku zakho, izizwe zefa lakho.
18 Abantu bakho abangcwele balidla ifa isikhashana nje; izitha zethu zinyathele phansi indlu yakho engcwele.
19 Sinjengalabo ongazange ubuse phezu kwabo, nabangabizwanga ngegama lakho.