Isaya

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42 43 44 45 46 47 48 49 50 51 52 53 54 55 56 57 58 59 60 61 62 63 64 65 66

0:00
0:00

Isahluko 35

Kuyakujabula ihlane nogwadule, kuthokoze uqwathule, lukhahlele njengentebe.
2 Luyakukhahlela kahle, luthokoze, yebo, luthokoze, luhube; luyakuphiwa udumo lweLebanoni, nobukhosi beKarmeli nobeSharoni, lubone inkazimulo kaJehova, nobukhosi bukaNkulunkulu wethu.
3 Qinisani izandla ezibuthakathaka, nimise amadolo axegayo.
4 Yishoni kwabanenhliziyo eyesabayo ukuthi: “Qinani, ningesabi; bhekani, uNkulunkulu wenu uyeza ngokuphindisela, impindiselo ivela kuNkulunkulu; nguye oza ukunisindisa.”
5 Khona amehlo ezimpumputhe ayakuvulwa, zivuleke nezindlebe zezithulu.
6 Khona unyonga luyakutshekula njengendluzele, nolimi lwesimungulu luyakuhuba, ngokuba ehlane kuyakubhoboka amanzi, nemifudlana kwahlongasibi.
7 Isihlabathi esibengezelayo siyakuba yichibi, isigagadu sibe yimithombo yamanzi; ekhaya lamakhanka lapho ayebuthisa khona kuyakuba khona igceke lomhlanga nekhwani.
8 Kuyakuba khona umendo nendlela eyakuthiwa iNdlela Yobungcwele; ongcolileyo akayikuhamba ngayo, kepha iyakuba ngeyabantu bakhe; abahamba ngayo, noma beyiziwula, abayikuduka kuyo.
9 Akuyikuba khona lapho ingonyama, nesilwane esihahayo asiyikukhuphukela khona; lokho akuyikufunyanwa khona, kepha abakhululiweyo bayakuhamba ngayo.
10 Abahlengiweyo bakaJehova bayakubuya baye eSiyoni ngokwethaba, intokozo engunaphakade ibe phezu kwamakhanda abo; bayakuthola ukujabula nokuthokoza, kubaleke usizi nokububula.