Isaya

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42 43 44 45 46 47 48 49 50 51 52 53 54 55 56 57 58 59 60 61 62 63 64 65 66

0:00
0:00

Isahluko 58

“Memeza ngezwi elikhulu, ungazibambi, uliphakamise izwi njengecilongo, utshele abantu bami iziphambeko zabo, indlu kaJakobe izono zayo.
2 Nokho bangifuna izinsuku zonke, bathanda ukwazi izindlela zami; njengesizwe esenza ukulunga, singashiyi ukwahlulela kukaNkulunkulu waso, babuza kimi izahlulelo zokulunga, bathanda ukusondela kuNkulunkulu.
3 Bathi: ‘Sizileleni ukudla, ungaboni, na?’ ‘Sizihlupheleni izinhliziyo zethu, ungakwazi, na?’ “Bhekani, ngosuku lokuzila kwenu niyaqhuba umsebenzi, nicindezele zonke izisebenzi zenu.
4 Bhekani, nizilela ukulwa nokuphikisana nokushaya ngenqindi yobubi. Anisazili namuhla ukuze nilizwakalise izwi lenu phezulu.
5 Yikhona lokhu kuzila engikukhethileyo yini nosuku lokuba umuntu awuhluphe umphefumulo wakhe; ukuthi umuntu ugoba ikhanda lakhe njengomhlanga, endlale indwangu yamasaka nomlotha phansi kwakhe, na? Lokhu kambe ungakubiza ngokuthi ukuzila nosuku olwamukelekayo kuJehova na?
6 “Akusikho lokhu kuzila engikukhethileyo yini: ukuthukulula izibopho zobubi nokuxegisa imichilo yejoka; ukukhulula abacindezelwayo nokwaphula onke amajoka na?
7 Akusikho ukwabela abalambileyo isinkwa sakho, nokuyisa abampofu nemihambima ekhaya lakho, nokwembesa ohamba ze, lapho umbonayo, nokungazisithezi kwaba yinyama yakho, na?
8 Khona ukukhanya kwakho kuyakuqhamuka njengokusa, nokuphuluka kwakho kuyakuvela masinyane, ukulunga kwakho kuhambe phambi kwakho, inkazimulo kaJehova ibe semva kwakho.
9 Khona wena uyakubiza, kusabele uJehova; uyakukhala, abesethi: Bheka, ngilapha. “Uma ususa phakathi kwakho ijoka, nokukhomba ngomunwe, nokukhuluma okubi,
10 umnike olambileyo isinkwa sakho, usuthise othotshisiweyo, khona ukukhanya kwakho kuyakuphuma ebumnyameni, ukuhlwa kwakho kube njengemini.
11 UJehova uyakukuhola njalo, asuthise umphefumulo wakho ezindaweni ezomileyo, aqinise amathambo akho; uyakuba njengensimu eniselweyo nanjengomthombo wamanzi, omanzi awo angaphuthi.
12 Abavela kuwe bayakwakha izincithakalo ezindala, ubuye wakhe izisekelo zezizukulwane ezidlulileyo, ubizwe ngokuthi uMvalisikhala noMlungisi wemikhondo ukuba kuhlalwe khona.
13 “Uma ulubuyisa unyawo lwakho kulo isabatha, ukuze ungenzi umsebenzi wakho ngosuku lwami olungcwele, ulibize isabatha ngokuthi intokozo, nolungcwele lukaJehova ngokuthi lunodumo, uludumise, ungahambi ngezindlela zakho, ungawuqhubi umsebenzi wakho, ukhulume ize,
14 khona uyakuzijabulisa kuJehova, ngikukhweze ezindaweni eziphakemeyo zomhlaba, ngikuphe ukuba ulidle ifa likaJakobe uyihlo,” ngokuba umlomo kaJehova ukukhulumile.