Isaya

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42 43 44 45 46 47 48 49 50 51 52 53 54 55 56 57 58 59 60 61 62 63 64 65 66

0:00
0:00

Isahluko 37

Kwathi inkosi uHezekiya ikuzwile lokho, yaklebhula izingubo zayo, yazembesa indwangu yamasaka, yangena endlini kaJehova.
2 Yathuma u-Eliyakimi owayephezu kwendlu, noShebina umbhali, namalunga abapristi, bembeswe izindwangu zamasaka, ku-Isaya umprofethi, indodana ka-Amose.
3 Bathi kuye: “Usho kanje uHezekiya, uthi: Lolu suku lungusuku losizi nolokusolwa nolokudelelwa, ngokuba abantwana sebefikile ekuzalweni, kepha amandla okubeletha awakho.
4 Mhlawumbe uJehova uNkulunkulu wakho uyakuzwa amazwi kaRabi Shake othunywe yinkosi yase-Asiriya, inkosi yakhe, ukweyisa uNkulunkulu ophilayo, asole amazwi uJehova uNkulunkulu wakho awezwileyo; ngalokho phakamisela insali esafunyanwayo umkhuleko wakho.”
5 Izinceku zenkosi uHezekiya sezifikile ku-Isaya,
6 u-Isaya wathi kuzo: “Niyakusho kanje enkosini yenu, nithi: ‘Usho kanje uJehova, uthi: Ungesabi lawo mazwi owezwileyo, izinceku zenkosi yase-Asiriya ezingithuke ngawo.
7 Bhekani, ngiyakubeka umoya kuyo, izwe amahemuhemu, ibuyele ezweni lakubo, ngiyiwise ngenkemba ezweni lakubo.’ ”
8 Wayesebuya uRabi Shake, wafumana inkosi yase-Asiriya ilwa neLibina, ngokuba wayezwile ukuthi isukile eLakishi.
9 Kepha isizwile ngoTirahaka, inkosi yaseKushe, ukuthi: “Uphumile ukulwa nawe,” lapho ikuzwa lokho, yathuma izithunywa kuHezekiya, yathi:
10 “Niyakukhuluma kanje kuHezekiya, inkosi yakwaJuda, nithi: UNkulunkulu wakho omethembayo makangakukhohlisi ngokuthi iJerusalema aliyikunikelwa esandleni senkosi yase-Asiriya.
11 Bheka, wena uzwile okwenziwa ngamakhosi ase-Asiriya kuwo onke amazwe ngokuwachitha; pho, wena uyakophulwa na?
12 Onkulunkulu balezo zizwe ezachithwa ngobaba, iGozani, neHarana, neResefi, nabantwana base-Edene ababeseThelasari bazophula na?
13 Iphi inkosi yaseHamati, nenkosi yase-Aripadi, nenkosi yomuzi waseSefarivayimi, naseHena, nase-Iva na?”
14 UHezekiya wayamukela incwadi esandleni sezithunywa, wayifunda; uHezekiya wayesenyukela endlini kaJehova, wayeneka phambi kukaJehova.
15 UHezekiya wakhuleka phambi kukaJehova, wathi:
16 “Jehova Sebawoti, Nkulunkulu ka-Israyeli, ohlezi phezu kwamakherubi, wena unguNkulunkulu, wena wedwa, wemibuso yonke yomhlaba, wena wenzile izulu nomhlaba.
17 Beka indlebe yakho, Jehova, uzwe; vula amehlo akho, Jehova, ubone, uzwe onke amazwi kaSaneheribi athume ukweyisa ngawo uNkulunkulu ophilayo.
18 “Yiqiniso, Jehova; amakhosi ase-Asiriya achithile izizwe zonke namazwe azo,
19 alahlile onkulunkulu bawo emlilweni, ngokuba babengesibo onkulunkulu, babe ngumsebenzi wezandla zomuntu kuphela, umuthi namatshe; ngalokho abachithile.
20 Manje, Jehova Nkulunkulu wethu, sisindise esandleni sakhe ukuba yonke imibuso yomhlaba yazi ukuthi wena unguJehova, wena wedwa.”
21 U-Isaya indodana ka-Amose wathumela kuHezekiya, wathi: “Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Njengalokhu ukhuleke kimi ngoSaneheribi inkosi yase-Asiriya,
22 nanti izwi uJehova alikhulume ngaye ukuthi: “Ikudelele, yakuhleka usulu intombi, indodakazi yaseSiyoni; ikunikinele ikhanda indodakazi yaseJerusalema.
23 Weyise bani, wethuka bani, na? Uphakamisele bani izwi lakho, wabhekisa phezulu amehlo akho, na? NgoNgcwele ka-Israyeli!
24 Ngesandla sezinceku zakho uyijivazile iNkosi, wathi: ‘Ngobuningi bezinqola zami ngenyuke mina phezulu ezintabeni ngaphakathi kweLebanoni; ngigawula imisedari yalo emide nemisayipuresi yalo ekhethekileyo ngangena ekuphakameni kwalo kokugcina nasehlathini lalo eliminyeneyo.
25 Ngemba, ngaphuza amanzi; ngomisa ngamathe onyawo lwami yonke imifula yaseGibithe.’
26 “Awuzwanga ukuthi kade ngakwenza na? Emihleni yasendulo ngakunquma; manje sengikulethile ukuba uchithe imizi ebiyelweyo ibe yizinqwaba.
27 Abakhe kuyo babe namandla amancane, besaba, bajabha; baba njengotshani basendle, nembali notshani obuluhlaza, nokuluhlaza ezimpahleni zezindlu, namabele ahamukile engakakhuli.
28 “Kepha ukuhlala kwakho, nokuphuma kwakho, nokungena kwakho ngiyakwazi, nokubhovumula kwakho ngami.
29 Ngenxa yokubhovumula kwakho ngami, nangokuba ukuzidla kwakho kwenyukele ezindlebeni zami, ngiyakufaka ingwegwe yami emakhaleni akho netomu lami emlonyeni wakho, ngikubuyise ngendlela oweza ngayo.
30 “Lokhu kuyakuba yisibonakaliso kuwe: “Niyakudla ngalo mnyaka okuzikhulelayo, nangomnyaka wesibili isihlabane, nangomnyaka wesithathu hlwanyelani, nivune, nitshale izivini, nidle izithelo zazo.
31 Abasindileyo bendlu yakwaJuda abaseleyo bayakubuye bagxile phansi, bathele izithelo phezulu.
32 Ngokuba kuyakuphuma eJerusalema insali nasentabeni yaseSiyoni abayakusinda; ukushisekela kukaJehova Sebawoti kuyakufeza lokho.
33 “Ngalokho usho kanje uJehova ngenkosi yase-Asiriya, uthi: “Ayiyikungena kulo muzi, ayiyikucibishela mcibisholo khona; ayiyikubhekisa kuwo isihlangu, ayiyikunqwabela iduli ngakuwo.
34 Indlela eyafika ngayo iyakubuya ngayo; ayiyikungena kulo muzi,” usho uJehova.
35 “Ngiyakuwuvikela lo muzi ukuba ngiwusindise ngenxa yami nangenxa yenceku yami uDavide.”
36 Kwaphuma ingelosi kaJehova, yabulala ekamu labase-Asiriya abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayisishiyagalombili nanhlanu; sekuvukwa ngakusasa, bheka, kwakuyizidumbu ezifileyo zodwa.
37 Wayesesuka uSaneheribi inkosi yase-Asiriya, wahamba, wabuya, wahlala eNineve.
38 Kwathi ekhuleka endlini kaNisiroki unkulunkulu wakhe, o-Adirameleki noSareseri amadodana akhe bambulala ngenkemba, babalekela ezweni lase-Ararati. U-Esari Hadoni indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.