Isaya

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42 43 44 45 46 47 48 49 50 51 52 53 54 55 56 57 58 59 60 61 62 63 64 65 66

0:00
0:00

Isahluko 34

Sondelani nina zizwe, nizwe, nilalele nina bantu: makuzwe umhlaba nokugcwala kwawo, nezwe nakho konke okuvela kulo.
2 Ngokuba uJehova uthukuthelela izizwe zonke, ufuthekela yonke impi yazo; uziqalekisile, uzinikele ekubulaweni.
3 Ababuleweyo bazo balahliwe, nokunuka kuyenyuka ezidunjini zabo; izintaba zincibilika ngegazi labo.
4 Ibandla lonke lasezulwini liyaphela, izulu lisongwe njengomqulu; ibandla lonke liyawa njengokuwa kweqabunga emvinini nanjengokubunileyo emkhiwaneni.
5 Ngokuba inkemba yami izanelisile ngegazi ezulwini; bheka, iyakwehlela phezu kuka-Edomi naphezu kwabantu besiqalekiso sami ukuba ibahlulele.
6 UJehova unenkemba; igcwele igazi, inonile ngamanoni nangegazi lamawundlu nelezimbuzi, nangamanoni ezinso zezinqama, ngokuba uJehova uyanikela eBosira, unokuhlaba okukhulu ezweni lakwa-Edomi.
7 Izinyathi ziwa kanye nazo, nezinkunzana kanye nezinkunzi; izwe labo liyakugcwala igazi, nothuli lwabo luyakunona ngamanoni.
8 Ngokuba kulusuku lokuphindisela kukaJehova; ngumnyaka wokubuyisela ngendaba yaseSiyoni.
9 Imifudlana yakhona iyakuphenduka ikolitayi, uthuli lwakhona lube yisibabule, nezwe langakhona libe yikolitayi elivuthayo.
10 Aliyikucinywa ubusuku nemini; umusi walo uyakukhuphuka kuze kube phakade; izizukulwane ngezizukulwane liyakuba yize, akuyikulidabula muntu nanini nanini.
11 Liyakuba yifa levuba nelikanondwebu, kwakhe kulo isikhova negwababa; uyakwelula phezu kwalo intambo yencithakalo, nomthofu wokumisa wokuyize.
12 Phakathi kwabakhulu balo akakho oyakumemezela umbuso, nazo zonke izikhulu zalo ziyakuba yinto engelutho.
13 Ameva ayakukhuphukela ezindlini zamakhosi, izimbabazane namakhakhasi ezinqabeni zalo, libe yikhaya lamakhanka negceke lezintshe.
14 Izilwane zasehlane ziyakuhlangana nezimpungushe, nedemoni liyakukhala kumngane walo, kwakhe khona umkhovu, uzitholele indawo yokuphumula.
15 Lapho umantshingeyana uyakwakha ikhaya lakhe, azalele, achamisele, afukame ngomthunzi wakhe, kubuthane khona nawonhloyile, kube yilowo nalowo nomngane wakhe.
16 Funani encwadini kaJehova, nifunde; ayiyikusilala nento eyodwa kulokhu, ayikho eyakuswela umngane wayo, ngokuba ngumlomo wakhe okuyalezile, nomoya wakhe okuhlanganisile.
17 Nguye okwenzele inkatho; yisandla sakhe esikwabele ngentambo; kuyakudla ifa lalo kuze kube phakade, izizukulwane ngezizukulwane kuyakuhlala kulo.