IzAga

Isahluko: 1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31

0:00
0:00

Isahluko 1

Nazi izaga zika Solomoni indodana kaDavide, inkosi yakwa-Israyeli,
2 zokwazi ukuhlakanipha nokulaywa, nokwahlukanisa amazwi okuqonda,
3 nokwamukela ukulaywa kube ngukuhlakanipha, nokulunga, nokwahlulela, neqiniso,
4 nokunika abangenalwazi ukuhlakanipha, nezinsizwa ukwazi namasu,
5 ukuze ohlakaniphileyo ezwe, aqhubeke ekufundeni, noqondileyo athole iziluleko ezinhle
6 ukuba aqonde izaga nezimfihlakalo, namazwi abahlakaniphileyo nezimfumbe zabo.
7 Ukumesaba uJehova kungukuqala kokuhlakanipha; iziwula ziyadelela ukuhlakanipha nokulaywa.
8 Ndodana yami, yizwa ukulaya kukayihlo, ungawushiyi umthetho kanyoko,
9 ngokuba kuyakuba ngumqhele omuhle wekhanda lakho, nemigexo entanyeni yakho.
10 Ndodana yami, uma izoni zikuyenga, ungavumi.
11 Uma zithi: “Hamba nathi, siqamekele igazi, sibhacele ngeze ongenacala,
12 sibagwinye besezwa njengendawo yabafileyo, besaphilile njengabehlela egodini;
13 yonke impahla eyigugu siyakuyifumana, sigcwalise izindlu zethu ngempango;
14 yenza inkatho yakho phakathi kwethu, sibe nesikhwama sinye sonke,”
15 ndodana yami, ungahambi nazo endleleni, unqande unyawo lwakho emikhondweni yazo,
16 ngokuba izinyawo zazo zigijimela ebubini, zishesha ukuchitha igazi.
17 Ngokuba inetha lenekelwe ize emehlweni azo zonke izinyoni.
18 Kepha laba baqamekela elabo igazi, babhacela okwabo ukuphila.
19 Zinjalo izindlela zabo bonke abaphanga impango; iyasusa ukuphila komniniyo.
20 Ukuhlakanipha kuyamemeza emigwaqweni, kuyezwakalisa izwi lakho ezigcawini;
21 emashashalazini emigwaqo kuyaduma; ngasezikhaleni zamasango omuzi kuyakhuluma amazwi akho okuthi:
22 “Koze kube nini iziwula zithanda ubuwula, nezideleli zijabula ukudelela, neziwula zizonda ukwazi, na?
23 Buyani ngokusola kwami; bhekani, ngiyakuthulula umoya wami phezu kwenu, nginazise amazwi ami.
24 Ngokuba ngibizile, nala nina; ngelula isandla sami, akubangakho onakayo;
25 kepha nichithile konke ukululeka kwami, anivumanga ukusola kwami;
26 nami ngiyakuhleka ingozi yenu, ngiklolodele ukufika kwenikwesabayo,
27 lapho kufika njengesivunguvungu lokho enikwesabayo, nengozi yenu iza njengesikhwishikhwishi, lapho nehlelwa ngukuhlupheka nosizi.
28 “Khona bayakungibiza, kepha angiyikuphendula; bayakungifunisisa, kepha abayikungifumana
29 ngenxa yokuba babezonda ukwazi, kabakhethanga ukwesaba uJehova,
30 bengavumanga ukululeka kwami, bedelela konke ukusola kwami.
31 Ngalokho bayakudla izithelo zendlela yabo, basuthe ngamacebo abo.
32 Ngokuba ukuhlehla kwabangenalwazi kuyakubabulala, nokunganaki kweziwula kuyakubabhubhisa.
33 Kepha ongilalelayo uyakuhlala elondekile, agcineke, angabi naluvalo ngokubi.”