IzAga

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31

0:00
0:00

Isahluko 22

Igama elihle likhethekile kunengcebo enkulu, nomusa kunesiliva negolide.
2 Abacebileyo nabampofu bahlangene; uJehova ungumenzi wabo bonke.
3 Qqondileyo uyabona ububi, acashe, kepha abangenalwazi badlula nje, bahlupheke ngakho.
4 Umvuzo wokuthobeka kokumesaba uJehova uyingcebo, nodumo, nokuphila.
5 Ameva nezingibe kusendleleni yabaphambeneyo, kepha ogcina umphefumulo wakhe uyakudedela kude nakho.
6 Khulisa umntwana ngendlela eyakuba ngeyakhe; kuyakuthi lapho esekhulile, angasuki kuyo.
7 Isicebi sibusa phezu kwabampofu, nobolekayo uyisigqila somtshelekileyo.
8 Ohlwanyela ububi uyakuvuna usizi, nenduku yolaka lwakhe iyakuphela.
9 Oneso elimnene uyakubusiswa, ngokuba uyapha ompofu okwesinkwa sakhe.
10 Xosha isideleli, besekuphuma ukuxabana, kuphele ukuphikisana nehlazo.
11 Othanda inhlanzeko ngenhliziyo nonomusa emlonyeni wakhe ungumngane wenkosi.
12 Amehlo kaJehova anaka onokwazi, kepha uyachitha amazwi ombuluzayo.
13 Ivila lithi: “Kukhona ingonyama ngaphandle; ngiyakubulawa phandle esigcawini.”
14 Umlomo wowesifazane ondindayo ungumgodi ojulileyo; othukuthelelwayo nguJehova uyakuwela kuwo.
15 Ubuwula buboshelwe enhliziyweni yomntwana, kepha induku yokulaya iyabudedisela kude naye.
16 Ocindezela ompofu ukuba azandisele nophayo isicebi bayakuba ngabokuswela kuphela.
17 Beka indlebe yakho, uzwe amazwi ezihlakaniphi, ubeke ukufundisa kwami enhliziyweni yakho.
18 Ngokuba kumnandi, uma ukugcina phakathi kwakho, kubekwe kanyekanye ezindebeni zakho.
19 Ukuba ithemba lakho libe kuJehova, ngikwazisile khona namuhla, yebo, wena.
20 Angithi ngilobile kuwe nangaphambili ngeziluleko nangokwazi,
21 ukuze ngikwazise ukuthembeka kwamazwi eqiniso ukuba ubuyisele kwabakuthumileyo amazwi eqiniso, na?
22 Ungamphangi ompofu ngokuba empofu, ungamchobozi oswelayo esangweni,
23 ngokuba uJehova uyakumela indaba yabo, aphuce ababaphucayo umphefumulo wabo.
24 Ungabi ngumngane womuntu onolaka, ungahambi nomuntu onokufutheka,
25 funa ufunde izindlela zakhe, uthole ugibe lomphefumulo wakho.
26 Ungabi ngowabaxhawulanayo, nowabayizibambiso zezikwenetu;
27 uma kungekho ongakhokha ngakho, ubuyakususelwani umbhede wakho phansi kwakho na?
28 Ungasusi isikhonkwane esidala oyihlo abasimisileyo.
29 Uyambona umuntu ehlakaniphile emsebenzini wakhe na? Uyakuma phambi kwamakhosi, akayikuma phambi kwabantukazana nje.