IzAga

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31

0:00
0:00

Isahluko 20

Iwayini liyisideleli, uphuzo olunamandla lungumxokozeli; bonke abaduka ngalo abahlakaniphile.
2 Ingebhe ngenkosi injengokubhonga kwengonyama; oyithukuthelisayo wona umphefumulo wakhe.
3 Kuludumo kumuntu ukuhlala kude nokuxabana, kepha zonke iziwula ziyaphikisana.
4 Ngenxa yobusika ivila aliyikulima; ngalokho uyakuthekela ngesikhathi sokuvuna, kungekho lutho.
5 Isiluleko enhliziyweni yomuntu sinjengamanzi ajulileyo, kepha umuntu oqondileyo uyakusikhipha.
6 Abantu abaningi bayamemezela, kube yilowo nalowo umusa wakhe, kepha ngubani ongafumana umuntu othembekileyo na?
7 Olungileyo ohamba ekupheleleni kwakhe, babusisiwe abantwana bakhe emva kwakhe.
8 Inkosi ehlezi esihlalweni sokwahlulela ihlakaza konke okubi ngamehlo ayo.
9 Ngubani ongasho ukuthi: “Ngihlanzile inhliziyo yami, sengihlambulukile ezonweni zami, na?”
10 Izisindo ezimbili nama-efa amabili, kokubili kuyisinengiso kuJehova.
11 Naye umntwana uyaziwa ngezenzo zakhe, uma isenzo sakhe sihlanzekile, noma siqotho.
12 Indlebe ezwayo neso elibonayo, uJehova wenzile kokubili.
13 Ungathandi ubuthongo, funa ufikelwe ngubumpofu; vula amehlo akho, uyakusutha ngesinkwa.
14 “Kubi, kubi,” kusho umthengi; kepha esehambile uyazigabisa.
15 Kukhona igolide namarubi amaningi, kepha ukwazi kwezindebe kuyigugu elinqabileyo.
16 Thatha ingubo yoyisibambiso somfokazi, umbambe abe yisibambiso omela abezizwe.
17 Isinkwa samanga simnandi kumuntu, kepha ngasemuva umlomo wakhe uyakugcwaliswa ngohlalwane.
18 Amacebo onke ayaqiniswa ngokululekana; yilwa impi ngamasu.
19 Ohamba encetheza uyambula izimfihlakalo; ngalokho ungahlangani naye ovula kakhulu umlomo wakhe.
20 Oqalekisa uyise nonina, isibani sakhe siyakucimeka esigayegayeni.
21 Imfuyo ingatholwa ngokushesha ekuqaleni, kepha ukuphela kwayo akuyikubusiswa.
22 Ungasho ukuthi: “Ngiyakuphindisela okubi,” yethemba kuJehova, uyakukusindisa.
23 Izisindo ezimbili ziyisinengiso kuJehova, nesilinganiso senkohliso asilungile.
24 Izinyathelo zomuntu zingezikaJehova; pho, umuntu angaqonda kanjani indlela yakhe na?
25 Kulugibe ukusho ngamawala ukuthi: “Kungcwele,” abesebuya acabange emva kwezithembiso zakhe.
26 Inkosi ehlakaniphileyo iyahlakaza ababi, iphindisele phezu kwabo ukushinga kwabo.
27 Umoya womuntu uyisibani sikaJehova, siphenya konke okuphakathi komuntu.
28 Umusa neqiniso kuyalonda inkosi; isihlalo sayo sobukhosi sisekelwa ngomusa.
29 Udumo lwabasha lungamandla abo, nesivunulo sabadala singubumpunga.
30 Imivimbo elimazayo ihlanza ububi, nezishayo okuphakathi komuntu.