IzAga

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31

0:00
0:00

Isahluko 2

Ndodana yami, uma wamukela amazwi ami, uzibekelele imiyalo yami,
2 ukuze ubeke indlebe yakho ekuhlakanipheni, uthobisele ekuqondeni inhliziyo yakho,
3 yebo, uma ukhala ngengqondo, uzwakalisa izwi lakho ngokuqonda,
4 uma ukufuna njengesiliva, ukuphenya njengamagugu afihliweyo,
5 khona uyakuqonda ukumesaba uJehova, ufumane ukumazi uNkulunkulu.
6 Ngokuba uJehova uyanika ukuhlakanipha; emlonyeni wakhe kuphuma ukwazi nokuqonda.
7 Uyabekela abaqotho isibusiso, uyihawu kwabahamba bengenacala,
8 egcina izindlela zokulunga, elondoloza imikhondo yabathembekileyo bakhe.
9 Khona uyakuqonda ukulunga nokwahlulela, neqiniso, yebo, nezindlela zonke ezinhle.
10 Ngokuba ukuhlakanipha kuyakungena enhliziyweni yakho, ukwazi kube mnandi emphefumulweni wakho.
11 Amasu ayakukulinda, ukuqonda kukugcine,
12 ukuze wophulwe endleleni yobubi nakubantu abakhuluma okuphambeneyo,
13 abashiya imikhondo yobuqotho, ukuze bahambe ngezindlela zobumnyama;
14 abathokoza ngokwenza okubi, bajabulele ukuphambana kobubi;
15 abazindlela zabo ziyisigwegwe, nemikhondo yabo iphambene,
16 ukuba wophulwe kowesifazane ondindayo nakuye owezizwe onamazwi athophayo,
17 oshiya umngane wobusha bakhe, akhohlwe isivumelwano sikaNkulunkulu wakhe,
18 ngokuba indlu yakhe ishonela ekufeni, nasezithunzini izindlela zakhe.
19 Bonke abangena kuye ababuyi, bangafinyeleli ezindleleni zokuphila.
20 Kanjalo uyakuhamba ezindleleni zabahle, ugcine imikhondo yabalungileyo.
21 Ngokuba abaqotho bayakuhlala ezweni, abapheleleyo basale kulo.
22 Kepha ababi bayakunqunywa ezweni, nabambuluzayo bayakusishulwa kulo.