IzAga

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31

0:00
0:00

Isahluko 4

Zwanini, madodana ami, ukulaya kukayise, nilalele, ukuze nazi ukuqonda.
2 Ngokuba ngiyaninika izifundiso ezinhle; ningawushiyi umthetho wami.
3 Ngokuba ngangiyindodana kubaba, ethambileyo neyodwa emehlweni kamame.
4 Wangifundisa, wathi kimi: “Inhliziyo yakho mayibambe amazwi ami; gcina imiyalo yami, uphile.
5 Zuza ukuhlakanipha, zuza ukuqonda; ungakhohlwa, ungachezuki emazwini omlomo wami;
6 ungakushiyi, kuyakukugcina; kuthande, kuyakukulondoloza.
7 Ukuqala kokuhlakanipha yilokhu: Zuza ukuhlakanipha; yebo, ngakho konke okutholileyo zuza ukuhlakanipha.
8 Kukhulise, kuyakukuphakamisa; kuyakukudumisa, lapho ukugona.
9 Kuyakunika ikhanda lakho umgexo womusa, kunikeze kuwe umqhele wodumo.”
10 Yizwa, ndodana yami, wamukele izwi lami; kuyakuthi iminyaka yokuphila kwakho ibe miningi.
11 Ngikufundisa ngendlela yokuhlakanipha; ngikuhola emikhondweni yobuqotho.
12 Ekuhambeni kwakho isinyathelo asiyikuvinjelwa, nasekugijimeni kwakho awuyikukhubeka.
13 Bambelela ekulayweni, ungakuyeki; kulonde, ngokuba kungukuphila kwakho.
14 Ungangeni emkhondweni wababi, ungahambi endleleni yabonakeleyo.
15 Yixwaye, ungadluli ngayo; chezuka kuyo, udlule.
16 Ngokuba abalali, uma bengenzanga okubi; ubuthongo buyasuswa, uma bengakhubekisanga muntu.
17 Ngokuba badla isinkwa sobubi, baphuza iwayini lobudlwangudlwangu.
18 Umkhondo wabalungileyo unjengokukhanya kokusa okuqhubeka ngokukhanya njalo kuze kube semini.
19 Indlela yababi injengobumnyama; abazi ukuthi bakhubeka ngani.
20 Ndodana yami, lalela amazwi ami, ubeke indlebe yakho kukho ukukhuluma kwami.
21 Makungachezuki emehlweni akho, ukugcine phakathi kwenhliziyo yakho,
22 ngokuba kungukuphila kwabakufumanayo nempilo yomzimba wonke wabo.
23 Phezu kwakho konke okugcinayo, gcina inhliziyo yakho, ngokuba kuyilapho kuvela khona ukuphila.
24 Susa kuwe ukuphambana komlomo, nezindebe eziyisigwegwe uzidedisele kude nawe.
25 Amehlo akho mawabheke phambili, nezinkophe zakho maziqonde phambi kwakho.
26 Yenza umkhondo wonyawo lwakho ukuba ulingane, ziqine zonke izindlela zakho.
27 Ungaphambuki ngakwesokunene nangakwesokhohlo; chezukisa unyawo lwakho ebubini.