IzAga

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31

0:00
0:00

Isahluko 31

Amazwi kaLemuweli, inkosi yaseMasa, awafundiswa ngunina.
2 “Yini, ndodana yami, yini, ndodana yesizalo sami, yini, ndodana yezithembiso zami, na?
3 Unganiki abesifazane amandla akho, nezindlela zakho kwababhubhisa amakhosi.
4 “Akusikho okwamakhosi, Lemuweli, akusikho okwamakhosi ukuphuza iwayini, nokwababusi ukufisa uphuzo olunamandla,
5 funa baphuze, bakhohlwe izimiso, baguqule ukwahlulelwa kwabantwana bokuhlupheka.
6 Mnike obhubhayo uphuzo olunamandla nomunyu enhliziyweni iwayini.
7 Makaphuze akhohlwe ubumpofu bakhe, angabe esakhumbula usizi lwakhe.
8 “Sivulele isimungulu umlomo wakho, umele bonke abantwana abayizintandane.
9 Vula umlomo wakho, wahlulele ngokulunga, umele abahluphekayo nabampofu.”
10 Ngubani ongathola umfazi okhutheleyo na? Ngokuba inani lakhe lidlula kakhulu amarubi.
11 Inhliziyo yendoda yakhe iyethemba kuye; ayiyikuswela inzuzo.
12 Uyayenzela okuhle, kungabi ngokubi, zonke izinsuku zokuphila kwakhe.
13 Ufuna uboya bezimvu nefilakisi; usebenza ngezandla ezivumayo.
14 Unjengemikhumbi yabathengi; ulanda kude ukudla kwakhe.
15 Uyavuka kuse sebusuku, aphe abendlu yakhe ukudla namantombazana akhe imisebenzi yawo.
16 Ucabanga ngensimu, ayithenge; ngesithelo sezandla zakhe utshala isivini,
17 Uyabhinca okhalweni amandla; uyaqinisa izingalo zakhe.
18 Uyabona ukuthi ukuphatha kwakhe kunenzuzo; isibani sakhe asicimeki nasebusuku.
19 Uyabeka izandla zakhe othini lokuphotha izintambo, neminwe yakhe ibamba insimbi.
20 Ohluphekayo uyamvulela isandla sakhe, yebo, uzelulela abampofu izandla zakhe.
21 Akesatshiswa ngabendlu yakhe ngungqoqwane; ngokuba bonke abendlu yakhe bembathiswa okubomvu.
22 Uyazenzela izindwangu ezimbozayo; izambatho zakhe ziyilineni elicolekileyo nokububende.
23 Indoda yakhe iyaziwa emasangweni, lapho ihlezi namalunga ezwe.
24 Wenza izingubo zelineni, athengise ngazo, anikele kubathengi amabhande.
25 Amandla nesithunzi kungukwembatha kwakhe; uhleka usuku oluzayo.
26 Uyawuvula umlomo wakhe ngokuhlakanipha, nomthetho womusa usolimini lwakhe.
27 Uyaqaphela okwenziwayo endlini yakhe, akadli isinkwa sobuvila.
28 Abantwana bakhe bayasukuma, bambusise; nendoda yakhe iyamdumisa ngokuthi:
29 “Baningi abafazi abakhutheleyo, kepha wena ubadlula bonke.”
30 Ubuhle buyinkohliso, nokubukeka kuyize, kepha owesifazane owesaba uJehova uyakudunyiswa.
31 Muphe ezithelweni zezandla zakhe, izenzo zakhe zimdumise emasangweni.