IzAga

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31

0:00
0:00

Isahluko 16

Umuntu unamasu enhliziyweni, kepha impendulo yolimi ivela kuJehova.
2 Zonke izindlela zomuntu zimhlophe emehlweni akhe, kepha uJehova uyalinganisa imimoya.
3 Gingqela kuJehova imisebenzi yakho, ukuze kuqiniswe amasu akho.
4 UJehova wenzile konke kube nomgomo wakho; yebo, nomubi umenzele usuku olubi.
5 Bonke abazidlayo ngenhliziyo bayisinengiso kuJehova; impela abayikuyekwa.
6 Ngomusa neqiniso ukona kuyahlangulwa, nangokumesaba uJehova kudedwa ebubini.
7 Lapho izindlela zomuntu zimthokozisa uJehova, uzenza nezitha zakhe ukuba zihlalisane kahle naye.
8 Okuncane kanye nokulunga kungcono kunenzuzo enkulu kanye nokungalungi.
9 Inhliziyo yomuntu iceba indlela, kepha uJehova uyaqondisa izinyathelo zakhe.
10 Izimpendulo zikaNkulunkulu zisezindebeni zenkosi; umlomo wayo awuyikuphambuka ekwahluleleni.
11 Ukulinganisa nesilinganiso esilungileyo kungokukaJehova; zonke izisindo zasesikhwameni zingumsebenzi wakhe.
12 Ukwenza okubi kuyisinengiso emakhosini, ngokuba isihlalo sobukhosi simiswa ngokulunga.
13 Izindebe ezilungileyo ziyintokozo yamakhosi; amazwi abaqotho ayawathanda.
14 Intukuthelo yenkosi injengezithunywa zokufa, kepha umuntu ohlakaniphileyo uyayidambisa.
15 Ekukhanyeni kobuso benkosi kukhona ukuphila, nesisa sayo sinjengefu lemvula yamuva.
16 Kungcono kangakanani ukuzuza ukuhlakanipha kunegolide; yebo, ukuzuza ukuqonda nga kukhethwa kunesiliva.
17 Umendo wabaqotho ungukudeda ebubini; oqaphela indlela yakhe ulondoloza umphefumulo wakhe.
18 Ukuzidla kuyandulela ukubhujiswa, nomoya oziqhenyayo wandulela ukuwa.
19 Kungcono ukuba nomoya othobekileyo kanye nabathobekileyo, kunokwabelana impango nabazidlayo.
20 Onakekela izwi uyakufumana okuhle, nowethembayo kuJehova ubusisiwe.
21 Ohlakaniphile ngenhliziyo uyakubizwa ngokuthi oqondileyo, nobumnandi bezindebe buyandisa imfundiso.
22 Ukuqonda kungumthombo wokuphila konakho, kepha ubuwula bungukulaywa kweziwula.
23 Inhliziyo yohlakaniphileyo iyafundisa umlomo wakhe, yenezele imfundiso ezindebeni zakhe.
24 Amazwi amahle anjengamakhekheba oju; amnandi emphefumulweni, ayimpiliso emathanjeni.
25 Kukhona indlela eqondile phambi komuntu, kepha ukuphela kwayo kuyizindlela zokufa.
26 Iphango lesisebenzi liyasisebenzela, ngokuba umlomo waso uyasiqhuba.
27 Umuntu omubi uphanda okubi, nasezindebeni zakhe kunjengomlilo ohlangulayo.
28 Umuntu ophambeneyo usakaza ukuxabana, nomncethezi wahlukanisa abahlobo.
29 Umuntu oyisidlwangudlwangu uyenga umakhelwane wakhe, amhambise endleleni engenhle.
30 Ocimeza amehlo akhe uceba okuphambanisayo, noluma izindebe zakhe ufeza okubi.
31 Ubumpunga bungumqhele wodumo; bufumaniswa endleleni yokulunga.
32 Owephuza ukuthukuthela muhle kuneqhawe, nobusa umoya wakhe kunonqoba umuzi.
33 Inkatho yenzelwa emathangeni, kepha ukwahlulela kwayo kungokukaJehova.