IzAga

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31

0:00
0:00

Isahluko 30

Amazwi ka-Aguri, indodana kaJakhe waseMasa. Yathi indoda ku-Ithiyeli, ko-Ithiyeli no-Ukhali:
2 “Impela ngiyisiwula kunabanye abantu, anginakuqonda komuntu.
3 Angifundanga ukuhlakanipha, ukuze ngazi oNgcwele.
4 Ngubani owenyukele ezulwini, wabuye wehla na? Ngubani oqoqele umoya ezandleni zakhe na? Ngubani obophile amanzi engutsheni yakhe na? Ngubani omisile yonke imikhawulo yomhlaba na? Ngubani igama lakhe, ngubani igama lendodana yakhe, uma ulazi, na?
5 “Onke amazwi kaNkulunkulu acwebile; uyisihlangu kwabaphephela kuye.
6 Ungenezeli emazwini akhe, funa akusole, ufunyanwe ungumqambimanga.
7 “Yizinto ezimbili engizicela kuwe: unganginqabeli nazo, ngingakafi.
8 Dedisela kude nami okuyize namanga, unganginiki ubumpofu nengcebo, kepha ngiphe isinkwa engisimiselweyo,
9 funa ngisuthe, ngikuphike ngithi: ‘UJehova ungubani na?’ funa ngibe mpofu, ngebe, ngilone igama likaNkulunkulu wami.
10 “Ungahlebi inceku enkosini yayo, funa ikuthuke, ube necala.
11 “Kukhona isizukulwane esithuka uyise, esingabusisi unina.
12 Kukhona isizukulwane esimhlophe emehlweni aso, esingahlanzwanga ensileni yaso.
13 Kukhona isizukulwane yeka ukuzidla kwaso! Nezinkophe zaso ziphakanyisiwe.
14 Kukhona isizukulwane esimazinyo aso ayizinkemba namazinyo emihlathi angomese bokuqeda abampofu emhlabeni, nabaswelayo phakathi kwabantu.
15 “Umnyundu unamadodakazi amabili athi: ‘Siphe, siphe.’ “Kukhona izinto ezintathu ezingasuthi, nezine ezingasho ukuthi: ‘Kwanele!’:
16 indawo yabafileyo, nesizalo esiyinyumba, nomhlaba ongasuthi ngamanzi, nomlilo ongasho ukuthi: ‘Kwanele!’
17 “Iso eliklolodela uyise nelidelela ukulalela unina liyakukhishwa ngamagwababa angasemfuleni, lidliwe ngamazinyane okhozi.
18 “Kukhona izinto ezintathu ezingahlula ngokumangalisa, yebo, ezine engingazaziyo:
19 indlela yokhozi emoyeni, nendlela yenyoka edwaleni, nendlela yomkhumbi phakathi kolwandle, nendlela yendoda entombini.
20 “Inje indlela yowesifazane ophingayo: uyadla, abesesula umlomo wakhe, athi: ‘Angenzanga isono.’
21 “Phansi kwezinto ezintathu umhlaba uyazamazama, yebo, phansi kwezine ongezithwale:
22 phansi kwenceku ekubekweni kwayo inkosi, nesiwula uma sisuthile ngokudla,
23 naphansi kwesaliwakazi ekuganeni kwaso, nencekukazi ekulidleni ifa lenkosikazi yayo.
24 “Kukhona izinto ezine ezincane emhlabeni, kepha zihlakaniphile kakhulu:
25 izintuthwane ziyisizwe esingenamandla, kanti ziyalungisa ukudla kwazo ehlobo;
26 izimbila ziyisizwe esibuthakathaka, kanti ziyakha izindlu zazo edwaleni;
27 izinkumbi azinankosi, kanti ziyaphuma zonke ngamaviyo;
28 isibankwa ungasibamba ngezandla zombili, kanti sisendlini yenkosi.
29 “Kukhona izinto ezintathu ezinyathela ngesizotha, yebo, ezine ezihamba ngesithunzi:
30 ingonyama, iqhawe ezilwaneni; ayihlehli nakusiphi;
31 nehhashi lempi kanye nempongo, nenkosi phambi kwempi yayo.
32 “Uma wenzile ubuwula ngokuziphakamisa. wacabanga okubi, beka isandla emlonyeni wakho.
33 Ngokuba ukuphehla ubisi kuveza iphehlwa, nokucindezelwa kwempumulo kuveza igazi; kanjalo ukucindezela ulaka kuveza ukuxabana.”