IzAga

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31

0:00
0:00

Isahluko 15

Impendulo ethambileyo iyabuyisa ukufutheka, kepha izwi elilukhuni livusa ulaka.
2 Ulimi lwabahlakaniphileyo luveza kahle ukwazi, kepha umlomo weziwula uphafuza ubuwula.
3 Amehlo kaJehova asezindaweni zonke; aqaphela ababi nabahle.
4 Ulimi oluthulayo lungumuthi wokuphila, kepha ukuphambanisa kwalo kungukuchotshozwa komoya.
5 Isiwula siyadelela ukulaya kukayise, kepha onaka ukusolwa uyathola ukuqonda.
6 Endlini yolungileyo kukhona ingcebo eningi, kepha enzuzweni yababi kukhona ukuhlupheka.
7 Izindebe zabahlakaniphileyo ziyasakaza ukwazi, kepha izinhliziyo zeziwula azinjalo.
8 Umhlatshelo wababi uyisinengiso kuJehova, kepha umkhuleko wabaqotho uyintokozo yakhe.
9 Indlela yababi iyisinengiso kuJehova, kepha uyamthanda olandela ukulunga.
10 Ukulaywa kukhulu koyishiya indlela; ozonda ukusolwa uyakufa.
11 Indawo yabafileyo nokubhubha kuphambi kukaJehova; kakhulu kangakanani izinhliziyo zabantwana babantu.
12 Isideleli asithandi ukusolwa; asiyi kwabahlakaniphileyo.
13 Inhliziyo ethokozayo yenza ubuso bube buhle, kepha ngosizi lwenhliziyo uyachotshozwa umoya.
14 Inhliziyo yoqondileyo iyafuna ukwazi, kepha umlomo weziwula uyadla ubuwula.
15 Zonke izinsuku zohluphekayo zimbi, kepha onhliziyo yakhe yenamile unedili njalo.
16 Okuncane kanye nokumesaba uJehova kungcono kunengcebo eningi kanye nokukhathazeka.
17 Isidlo semifino lapho kukhona uthando singcono kunenkabi ekhuluphalisiweyo kanye nenzondo.
18 Umuntu ofuthayo uyavusa ukuxabana, kepha owephuza ukuthukuthela uthulisa ingxabano.
19 Indlela yevila injengothango lobobe, kepha umkhondo wabakhutheleyo ungumendo.
20 Indodana ehlakaniphileyo iyajabulisa uyise, kepha umuntu oyisiwula uyadelela unina.
21 Ubuwula buyintokozo kongenangqondo, kepha umuntu oqondileyo uyaqondisa ukuhamba kwakhe.
22 Lapho kungekho khona ukululekana, amasu ayachitheka, kepha ngobuningi babeluleki ayakuma.
23 Umuntu uyathokoza ngokuphendula komlomo wakhe, nezwi ngesikhathi salo lihle kangakanani!
24 Kohlakaniphileyo indlela yokuphila iya phezulu ukuba adede endaweni yabafileyo phansi.
25 Indlu yabaziqhenyayo uJehova uyayisiphula, kepha uyamisa umkhawulo womfelokazi.
26 Amacebo amabi ayisinengiso kuJehova, kepha amazwi acwebileyo ayamenamisa.
27 Ohahela inzuzo uhlupha indlu yakhe, kepha ozonda imivuzo uyakuphila.
28 Inhliziyo yolungileyo iyacabanga ukuphendula, kepha imilomo yababi iyaphafuza izinto ezimbi.
29 UJehova ukude nababi, kepha uyezwa imikhuleko yabalungileyo.
30 Ukukhanya kwamehlo kuyathokozisa inhliziyo, nezindaba ezinhle ziyanonisa amathambo.
31 Indlebe elalela ukusola kokuphila iyakuhlala phakathi kwabahlakaniphileyo.
32 Onqaba ukulaywa udelela umphefumulo wakhe, kepha olalela ukusolwa uzuza ingqondo.
33 Ukumesaba uJehova kungukulaywa kokuhlakanipha; ukuthobeka kuyandulela udumo.