IzAga

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31

0:00
0:00

Isahluko 6

Ndodana yami, uma uyisibambiso somakhelwane wakho, uma uxhawulene nomfokazi,
2 ucushiwe ngamazwi omlomo wakho, ubanjiwe ngamazwi omlomo wakho,
3 yenza lokhu phela, ndodana yami, uzophule, lokhu ungene esandleni somakhelwane wakho: khothama phambi kwakhe, umncengisise.
4 Unganiki amehlo akho ubuthongo, nezinkophe zakho ukozela.
5 Zophule njengensephe kumzingeli nanjengenyoni esandleni somthiyi wezinyoni.
6 Yana entuthwaneni, vilandini, ubone izindlela zayo, uhlakaniphe,
7 yona ethi ingenamahluleli, nambonisi, nambusi,
8 ilungisa nokho ehlobo isinkwa sayo, ibuthe ngesikhathi sokuvuna ukudla kwayo.
9 Uyakulala kuze kube nini, vilandini? Uyakuvuka nini ebuthongweni bakho na?
10 Ubuthongo obuncane, ukozela okuncane, ukusonga izandla kancane kuze kulalwe,
11 bese kuthi ubumpofu bakho bufike njengomhambuma, nokuswela kwakho njengomuntu wesihlangu.
12 Umuntu omubi, umuntu wokona, nguye ohamba nomlomo ophambeneyo,
13 oqwayiza amehlo, eshudula ngezinyawo zakhe, ekhomba ngeminwe.
14 Ubuphoxo busenhliziyweni yakhe; uceba okubi ngesikhathi sonke; ususa ukuxabana.
15 Ngalokho ingozi yakhe iyakufika ngokuzumayo; ngokuphazima kweso uyakwaphulwa, kungabikho ukuphiliswa.
16 Kukhona izinto eziyisithupha azizondayo uJehova, yebo, eziyisikhombisa eziyizinengiso emphefumulweni wakhe:
17 amehlo azidlayo, nolimi lwamanga, nezandla ezichitha igazi elingenacala,
18 nenhliziyo eceba imicabango emibi, nezinyawo ezishesha ukugijimela ebubini,
19 nofakazi wamanga ophafuza inkohliso, obanga ukuxabana phakathi kwabazalwane.
20 Ndodana yami, gcina umyalo kayihlo, ungawushiyi umthetho kanyoko.
21 Yibophe enhliziyweni yakho njalo, uyithekeleze entanyeni yakho.
22 Mayikuhole ekuhambeni kwakho, ikulondoloze ekulaleni kwakho, ikhulume kuwe ekuvukeni kwakho.
23 Ngokuba imiyalo iyisibani, nomthetho ungukukhanya, nokusola ngokulaya kuyindlela yokuphila,
24 ukuze ugcinwe kowesifazane omubi, nasekuthopheni kolimi lowesifazane ondindayo.
25 Ungakhanuki ubuhle bakhe enhliziyweni yakho, angakubambi ngezinkophe zakhe.
26 Ngokuba intengo yowesifazane oyisiphingi iyiqebelengwane lesinkwa, kepha umfazi womuntu uzingela umphefumulo onqabileyo.
27 Umuntu angaphatha umlilo esifubeni sakhe, izingubo zakhe zingashi, na?
28 Umuntu angahamba phezu kwamalahle avuthayo, izinyawo zakhe zingahanguki, na?
29 Unjalo yena ongena kumkamakhelwane: akuyikuthiwa ongenacala noma yimuphi omthintileyo.
30 Abamdeleli yini oyisela ukuthi uyeba ukuba azisuthise lapho elambile na?
31 Uma efunyanwa, uyakubuyisa kasikhombisa, anikeze yonke impahla yendlu yakhe.
32 Ophinga nowesifazane akanakho ukuqonda; wenza lokho okuchitha umphefumulo wakhe.
33 Uyakuthola imivimbo nehlazo, nenhlamba yakhe ayiyikwesulwa.
34 Ngokuba isikhwele sendoda singukufutheka; ayiyikuyeka ngosuku lokuphindisela.
35 Ayiyikunaka neze ihlawulo; ayaneliswa, noma uphana ngezipho eziningi.