IzAga

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31

0:00
0:00

Isahluko 9

Ukuhlakanipha kwakhile indlu yakho; kuzibazile izinsika zakho eziyisikhombisa.
2 Kuhlabile umhlatshelo, kuvubele iwayini lakho; futhi kulungisile itafula lakho.
3 Kuthumile izintombi zakho, kuyamema emagqumeni aphakemeyo omuzi, kuthi:
4 “Ongenalwazi makaphambukele lapha,” kongenangqondo kuthi:
5 “Wozani nidle isinkwa sami, niliphuze iwayini engilivubeleyo.
6 Yekani ubuwula, niphile, nihambe ngendlela yokuqonda.
7 “Osola isideleli uzithathela inhlamba; othethisa omubi uzitholela isisihla.
8 Ungathethisi isideleli, funa sikuzonde; thethisa isihlakaniphi, siyakukuthanda.
9 Siphe isihlakaniphi, siyakwanda ngokuhlakanipha; fundisa olungileyo, uyakwenezela emfundweni.
10 “Ukuqala kokuhlakanipha kungukumesaba uJehova, nokumazi oNgcwele kungukuqonda.
11 Ngokuba ngami izinsuku zakho ziyakuba ziningi, neminyaka yokuphila kwakho iyakwenezelwa kuwe.
12 Uma uhlakaniphile, uzihlakaniphele; uma udelela, uyakukuthwala wena wedwa.”
13 Ubuwula bungowesifazane oyisithutha onomsindo, ongazi lutho.
14 Uhlezi ngasemnyango wendlu yakhe esihlalweni ezindaweni eziphakemeyo zomuzi
15 ukuba ameme abadlula endleleni, abaqonda emikhondweni yabo, ngokuthi:
16 “Ongenalwazi makaphambukele lapha,” kongenangqondo uthi:
17 “Amanzi ebiweyo amnandi, nesinkwa sentukuso singesenamisayo.”
18 Kepha akazi ukuthi kuyizithunzi ezilapho nokuthi izimenywa zakhe zisezigodini zendawo yabafileyo.