IzAga

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31

0:00
0:00

Isahluko 24

Ungabi namhawu ngabantu ababi, ungafisi ukuba nabo.
2 Ngokuba izinhliziyo zabo ziceba ukuchitha, nezindebe zabo zikhuluma ngengozi.
3 Indlu iyakhiwa ngokuhlakanipha, iqiniswe ngokuqonda.
4 Amakamelo agcwaliswa ngokwazi, ngayo yonke ingcebo enqabileyo nemnandi.
5 Umuntu ohlakaniphileyo udlula onamandla, nomuntu onokwazi onezikhwepha.
6 Ngokuba ngokucabanga ungaphaka impi yakho, nokusinda kumi ngobuningi babeluleki.
7 Ukuhlakanipha kuphakeme kunesiwula; esangweni asivuli umlomo waso.
8 Ocabanga ukwenza okubi uyakubizwa ngokuthi owenza amacebo.
9 Ukuceba ubuwula kuyisono, nesideleli siyisinengiso kubantu.
10 Uma udangala ngosuku lokuhlupheka, amandla akho mancane.
11 Bophule abayiswa ekufeni; abakhubekiselwa ekubulaweni ubagodle.
12 Uma uthi: “Bheka, besingakwazi,” akakuqondi yini olinganisa izinhliziyo, nolonda umphefumulo wakho akakwazi, na? Futhi akayikuphindisela bonke abantu ngokwemisebenzi yabo na?
13 Ndodana yami, yidla izinyosi, ngokuba zimnandi, noju oluhle emlonyeni wakho.
14 Yazi ukuthi kunjalo ukuhlakanipha emphefumulweni wakho; uma ukutholile, kuyakuba khona isikhathi esizayo, nethemba lakho aliyikunqunywa.
15 Wena omubi ungaqamekeli indlu yolungileyo, ungachithi indawo yakhe yokuphumula.
16 Ngokuba olungileyo angawa kasikhombisa, abesebuye avuke, kepha ababi bayakukhubeka ngobubi.
17 Ungathokozi ngokuwa kwesitha sakho, nenhliziyo yakho mayingajabuli ngokukhubeka kwaso,
18 funa uJehova akubone, kube kubi emehlweni akhe, asuse intukuthelo yakhe kuso.
19 Ungazikhathazi ngabenza okubi, ungabi namhawu ngamashinga.
20 Ngokuba omubi akayikuba namvuzo, nesibani samashinga siyakucima.
21 Ndodana yami, yesaba uJehova nenkosi, ungahlangani nabahlubukayo.
22 Ngokuba ingozi yabo iyakuvuka masinyane; ngubani owazi ukuchithwa kweminyaka yabo na?
23 Nalawa angamazwi ahlakaniphileyo: Ukukhetha ubuso ekwahluleleni akukuhle.
24 Oshoyo komubi ukuthi: “Ulungile,” lowo abantu bayakumqalekisa, nezizwe ziyakumthukuthelela.
25 Kwabamthethisayo kuyakuba mnandi, kufike phezu kwabo isibusiso esihle.
26 Njengokwanga kwezindebe, injalo impendulo eqinisileyo.
27 Qeda umsebenzi wakho ngaphandle, uzilungiselele wona ensimini, wakhe ngasemuva indlu yakho.
28 Ungabi ngufakazi ngomakhelwane wakho kungekho sizathu; wothi ukhohlise ngezindebe zakho na?
29 Ungasho ukuthi: “Njengalokho ekwenzile kimi, kanjalo ngiyakwenza kuye, ngimphindisele umuntu njengesenzo sakhe.”
30 Ngadlula ensimini yomuntu oyivila, nasesivinini somuntu ongenangqondo;
31 bheka, kuso sonke kwakukhona izimbathi, sisibekelwe phezulu ngezimbabazane, nogange lwaso lwamatshe lwaludilizelwe phansi.
32 Ngabuka-ke mina, ngacabanga; ngabona, ngathola ukulaywa:
33 ubuthongo obuncane, ukozela okuncane, ukusonga izandla kancane kuze kulalwe,
34 besekuthi ubumpofu bakho bufike njengomhambuma, nokuswela kwakho njengomuntu wesihlangu.