IzAga

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31

0:00
0:00

Isahluko 5

Ndodana yami, lalela ukuhlakanipha kwami, ubeke indlebe yakho ekuqondeni kwami
2 ukuba ugcine amasu, nezindebe zakho zilonde ukwazi.
3 Ngokuba izindebe zowesifazane ondindayo ziconsa izinyosi; umlomo wakhe ubushelezi kunamafutha.
4 Kepha ekugcineni umunyu njengomhlonyane, ubukhali njengenkemba enezinhlangothi ezimbili.
5 Izinyawo zakhe ziyehlela ekufeni; izinyathelo zakhe zibambelela endaweni yabafileyo.
6 Akanaki umkhondo wokuphila; imikhondo yakhe iyaguquguquka, engazi.
7 Ngalokho, madodana ami, ngizweni, ningachezuki emazwini omlomo wami.
8 Dedisela kude naye indlela yakho, ungasondeli emnyango wendlu yakhe,
9 funa unike abanye udumo lwakho, naye ononya iminyaka yakho,
10 funa abezizwe basuthe ngamandla akho, umshikashika wakho ube sendlini yomfokazi,
11 uze ububule ekugcineni, lapho umzimba wakho nenyama yakho kuqediwe,
12 ngokuthi: “Yeka ukuzonda kwami ukulaywa nokudelela kwenhliziyo yami ukusolwa!
13 Angilalelanga izwi labafundisi bami, angibekanga indlebe yami kubo abangifundisayo.
14 Ngacishe ngaba sebubini bonke phakathi kwebandla nasemhlanganweni.”
15 Phuza amanzi emgodini wakho, amanzi agobhozayo emthonjeni wakho.
16 Imithombo iyaphalala ngaphandle yini, nemifula yamanzi ezigcawini, na?
17 Mayibe ngeyakho wena wedwa, ingabi ngeyabafokazi kanye nawe.
18 Mawubusiswe umthombo wakho, uthokoze ngomfazi wobusha bakho.
19 Uyindluzelekazi ethandayo negogokazi elihle; amabele akhe mawakudelise ngesikhathi sonke, weqiwe njalo luthando lwakhe.
20 Ubuyakweqelwani ngowesifazane ondindayo, ndodana yami, ugone isifuba somfokazi, na?
21 Ngokuba izindlela zomuntu ziphambi kwamehlo kaNkulunkulu; uyenza yonke imikhondo yakhe ukuba ilingane.
22 Omubi uyakubanjwa ngububi bakhe, abhajwe ngezintambo zezono zakhe.
23 Uyakufa yena ngokuswela ukulaywa, nangobuningi bobuwula bakhe uyakuduka.