Jobe

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42

0:00
0:00

Isahluko 10

“Umphefumulo wami ukhathele ukuhamba kwami; ngiyazinikela ekukhaleni, ngikhulume ngomunyu womphefumulo wami.
2 Ngiyakusho kuNkulunkulu ukuthi: ‘Ungangilahli; ngazise ukuthi uphikisanelani nami na?
3 Kuhle yini kuwe ukuba ucindezele, ulahle umsebenzi wezandla zakho, ukhanye phezu kwamasu ababi, na?
4 Amehlo enyama unawo na? Uyabona njengabantu na?
5 Imihla yakho injengemihla yomuntu na? Neminyaka yakho injengezinsuku zabantu na?
6 lokhu ufuna ukona kimi, ufunisisa isono sami,
7 noma ukwazi ukuthi angimubi nokuthi akakho ongophula esandleni sakho.
8 Izandla zakho zingibumbile, zangenza ngokupheleleyo nxazonke; nokho uyangichitha.
9 Ake ukhumbule ukuthi ungenzile njengebumba; pho, uyakungibuyisela othulini na?
10 Awungithululanga njengobisi, wangijiyisa njengoshizi, na?
11 Awungembathisanga isikhumba nenyama, wangiphica ngamathambo nangemisipha, na?
12 Ungenzele ukuphila nomusa; ukungihambela kwakho kulondile umoya wami.
13 Kepha ufihlile enhliziyweni yakho lokhu; ngiyazi ukuthi lokhu kukuwe kokuthi:
14 Uma ngona, uyangiqaphela; awuyikuthethelela ukona kwami.
15 Uma nginecala, maye kimi! Noma bengilungile, bengingayikuphakamisa ikhanda lami, lokhu ngisuthi ngehlazo, ngibona ukuhlupheka kwami.
16 Nokuba bengiziphakamisa, ubuyakungizingela njengengonyama, ubuye uzenze omangalisayo kimi.
17 Ubuyakuletha kimi ofakazi abasha, wandise intukuthelo yakho kimi, amabandla ngamabandla angisukele.
18 “ ‘Ungikhipheleni esizalweni na? Ngangiyakugqibuka lingakangiboni iso,
19 ngibe njengokungathi ngingekho, ngiyiswe ethuneni ngisaphuma esiswini.
20 Imihla yami ayiyingcosana na? Makapheze, angiyeke ukuba ngithokoze kancane,
21 ngingakayi lapho ngingasayikubuya khona, izwe lobumnyama nelomthunzi wokufa,
22 izwe lobumnyama obunjengesigayegaye nelomthunzi wokufa nelesiphithiphithi, lapho ukukhanya kunjengobumnyama.’ ”