Jobe

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42

0:00
0:00

Isahluko 9

Wayesephendula uJobe ethi:
2 “Ngeqiniso ngiyazi ukuthi kunjalo, kepha umuntu angaba elungile phambi kukaNkulunkulu na?
3 Uma efuna ukuthetha amacala naye, angemphendule nakwelilodwa kwayinkulungwane.
4 Ehlakaniphile enhliziyweni, eqinile emandleni, ngubani oziqinisele kuye, waphumelela,
5 yena ogudluza izintaba ngokungazeleli, ezigumbuqela ngentukuthelo yakhe;
6 ozamazamisa umhlaba usuke endaweni yawo, kuthuthumele izinsika zawo;
7 oyala ilanga lingaphumi, avalele izinkanyezi;
8 oweneka izulu yedwa, ahambe emazeni olwandle;
9 owenza iBhere, neMpambano, nesiLimela, namaKamelo aseningizimu;
10 owenza izinto ezinkulu ezingenakuhlolwa, yebo, izimangaliso ezingenakubalwa.
11 Bheka, uyangidlula, ngingaboni; uyagudla, ngingezwa.
12 Bheka, uyabamba; ngubani ongamkhalima na? Ngubani ongasho kuye ukuthi: ‘Wenzani na?’
13 “UNkulunkulu akayikubuyisa intukuthelo yakhe; phansi kwakhe bayakhothama abasizi bakaRahabi.
14 Pho, mina ngingamphendula ngithini, ngikhethe amazwi ami aqondene naye, na?
15 Noma bengilungile, bengingenakumphendula, kepha nginxuse umahluleli wami.
16 Uma bengimbizile abesengiphendula, bengingayikukholwa nokho ukuthi ubekile indlebe ezwini lami.
17 Uyangilimaza ngesiphepho; uyandisa amanxeba ami ngeze.
18 Kavumi ukuba ngiphefumule, kepha uyangigcwalisa ngomunyu.
19 Uma kuyindaba yamandla, nangu onawo; uma yindaba yokwahlulela, ngubani ongimemayo na?
20 Noma ngilungile, umlomo wami uyakungilahla; noma ngingenacala, uyakuthi ngonakele.
21 Anginasici; anginakekeli umphefumulo wami; anginanzi ukuphila kwami.
22 Ukuphela kunye nje; ngalokho ngithi: ‘Uyaqeda ongenasici kanye nomubi.’
23 Uma isiswebhu sibulala ngokuzumayo, uyahleka ingozi yabangenacala.
24 Umhlaba unikezwe esandleni sababi; uyasibekela ubuso babahluleli bawo; uma kungesiye, pho, ngubani na?
25 “Imihla yami iyashesha kunesigijimi; iyabaleka ingabonanga okuhle.
26 Itshuza njengomkhunjana womhlanga, njengokhozi olutheleka empangweni.
27 Noma ngithi ngiyakukhohlwa ukukhala kwami, ngiyeke ukunyukubala kwami, ngincibilike,
28 ngiyesaba nokho bonke ubuhlungu bami, ngiyazi ukuthi awuyikungibheka nginjengongenacala.
29 Ngiyakulahlwa mina; ngikhandlekelani ize na?
30 Noma ngizigeza ngamanzi eqhwa, ngihlambe izandla zami ngensipho,
31 uyakungicwilisa nokho emgodini, izingubo zami zinengwe yimi.
32 Ngokuba akasiye umuntu onjengami ukuba ngingase ngimphendule, siye kanyekanye ekwahlulelweni.
33 Akukho mnqamulajuqu phakathi kwethu ongabeka isandla sakhe phezu kwethu sobabili.
34 Makayisuse induku yakhe kimi; ingebhe ngaye mayingangesabisi.
35 Khona ngiyakukhuluma, ngingamesabi, ngokuba anginjalo ngokwami.