Jobe

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42

0:00
0:00

Isahluko 23

Wayesephendula uJobe, wathi:
2 “Nanamuhla ukukhala kwami kumunyu; isandla sami siyasinda ngokububula kwami.
3 Sengathi ngingazi ukuthi ngiyakumtholaphi, ngize ngifike endlini yakhe,
4 ngilungise ukwahlulelwa kwami phambi kwakhe, ngigcwalise umlomo wami ngezimpendulo.
5 Bengiyakuwazi amazwi abeyakungiphendula ngawo, ngiqonde ukuthi ubeyakuthini kimi.
6 Ubeyakuphikisana nami ngamandla akhe amakhulu na? Cha, ubeyakubhekisa kimi.
7 Lapho olungileyo ubeyakuphikisana naye, mina ngikhululwe kumahluleli wami kuze kube phakade.
8 Kodwa bheka, ngiya empumalanga, kepha akakho, nasentshonalanga, kepha angimboni,
9 nangasenyakatho ekusebenzeni kwakhe, kepha akabonwa; ujikela ngaseningizimu, kepha akabonakali.
10 Ngokuba uyayazi indlela yami; esengivivinyile, ngiyakuphuma njengegolide.
11 Unyawo lwami lunamathele ezinyathelweni zakhe; ngigcinile indlela yakhe, angiphambukanga.
12 Angichezukanga emyalweni wezindebe zakhe; ngizibekele amazwi akhe kunezimiso zami.
13 “Kodwa uyinto inye, ngubani ongambuyisa na? Okufisayo umphefumulo wakhe, lokho uyakwenza.
14 Uyakufeza engikumiselweyo; izinto eziningi ezinjalo zikuye.
15 Ngalokho ngishaywa luvalo ebusweni bakhe; lapho ngikuqaphela, ngiyamesaba.
16 NguNkulunkulu odangalisileyo inhliziyo yami, uSomandla ungethusile,
17 ngokuba anginqunywanga, bungakafiki ubumnyama; wangifihlela ukuhlwa.