Jobe

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42

0:00
0:00

Isahluko 26

Wayesephendula uJobe, wathi:
2 “Usizile kanjani ongenamandla! Usindisile kanjani ingalo engenamandla?
3 Umlulekile kanjani ongenakuhlakanipha! Umemezile kangakanani ukuqonda!
4 Utshelwe ngubani lawo mazwi, nomoya kabani waphuma kuwe, na?
5 “Izithunzi ziyathuthumela phansi kwamanzi kanye nabakhelwane bawo.
6 Indawo yabafileyo ize phambi kwakhe, nendawo yokubhubha ayinasisibekelo.
7 Welula inyakatho phezu kwendawo engenalutho; uphanyeka umhlaba phezu kweze.
8 Ubopha amanzi emafwini akhe; ifu alidabuki phansi kwawo.
9 Uyasibekela ubuso besihlalo sakhe sobukhosi; uyeneka ifu lakhe phezu kwaso.
10 Uyingiliza ngomudwa phezu kobuso bamanzi, kuze kuphele ukukhanya ebumnyameni.
11 Izinsika zezulu ziyathuthumela; ziyethuswa ngokukhuza kwakhe.
12 Ngamandla akhe uyanyakazisa amanzi; ngokuqonda kwakhe uyachitha uRahabi.
13 Ngokuphefumula kwakhe izulu liyakhazimula; isandla sakhe sigwazile inyoka esheshayo.
14 Bheka, lokhu kungamaphethelo nje ezindlela zakhe, izwi lokunyenyeza nje elizwakalayo ngaye; indumo yamandla akhe, ngubani obeyakuyiqonda na?”