Jobe

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42

0:00
0:00

Isahluko 11

Wayesethatha uSofari waseNahama, wathi:
2 “Awayikuphendulwa amazwi amaningi kangaka na? Umuntu oliphoshophosho angathethelelwa na?
3 Ukugavuza kwakho kuthulisa abantu na? Nalapho ukloloda, akakho ongakuhlaza na?
4 Ngokuba uthi: ‘Ukufundisa kwami kulungile; ngimhlophe emehlweni akho.’
5 Sengathi uNkulunkulu angakhuluma, akuvulele izindebe zakhe,
6 akwazise izimfihlakalo zokuhlakanipha, ngokuba ukuqonda kwakhe kuninginingi, uze wazi ukuthi uNkulunkulu, ukuba kube kuhle kuwe, wenza ukuba ikhohlakale inxenye yecala lakho.
7 “Ungathola imfihlakalo kaNkulunkulu na? Ungamfumana uSomandla kuze kube sekupheleleni kwakhe na?
8 Kuphakeme njengezulu — ungenzani na? Kujulile kunendawo yabafileyo — ungazini na?
9 Isilinganiso sakho side kunomhlaba, sibanzi kunolwandle.
10 Uma edlula, avalele, abizele ekwahluleleni, ngubani ongamkhalima na?
11 Ngokuba uyabazi abantu ababi; lapho ebona ukona, akayikukunaka na?
12 Umuntu oyize uyakuba nengqondo, nxa ithole lembongolo yasendle lizalwa libe ngumuntu.
13 “Uma ulungisa inhliziyo yakho, welulele izandla zakho kuye;
14 uma udedisele kude ukona okusesandleni sakho, ungahlalisi ububi ematendeni akho,
15 khona uyakuphakamisa ubuso bakho ungenamahloni, uqine, ungesabi.
16 Ngokuba uyakukhohlwa ukuhlupheka kwakho, ukukhumbule kunjengamanzi adlulileyo.
17 Ukuphila kwakho kuyakusa kunemini; noma kuhlwa, kuyakuba njengokusa nje.
18 Uyakuba nokwethemba, ngokuba ithemba likhona; uyakuphendla, ulale ngokulondeka.
19 Uyakulala, ungethuswa muntu; abaningi bayakuzincengela kuwe.
20 Kepha amehlo ababi ayakufiphala; abayikuba nandawo yokuphephela; ithemba labo liyakuba ngukuphuma komphefumulo.”