Jobe

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42

0:00
0:00

Isahluko 14

“Umuntu ozelwe ngowesifazane imihla yakhe mifushane, igcwele ukuyaluza.
2 Uyavela njengembali, abune; ubaleka njengethunzi, angemi.
3 Konje uvulela onjalo amehlo akho, ungingenise ekwahluleweni nawe, na?
4 Ngubani ongaveza okuhlambulukileyo kukho okungcolileyo na? Kakho noyedwa.
5 Uma imihla yakhe inqunyiwe, umumo wezinsuku zakhe ukuwe, ubekile umkhawulo wakhe, aze angadluli,
6 ungambheki, aphumule, ukuze athokoze ngosuku lwakhe njengomqashwa.
7 “Ngokuba kukhona ithemba emthini: uma unqunywa, ungabuye uhlume, nehlumela lawo aliyikuphela.
8 Noma impande yawo iguga emhlabathini, nesiphunzi sawo sifela othulini,
9 ngephunga lamanzi uyakuhluma, uveze izingatsha njengesithombo.
10 Kepha umuntu ofileyo uphelile; umuntu ogqabukileyo uphi na?
11 Njengamanzi anyamalele elwandle, nomfula oshileyo ome,
12 kanjalo umuntu ulala phansi, angabe esavuka; lize lingabikho izulu abayikuvuka, bangaphaphanyiswa ebuthongweni babo.
13 Sengathi ungangifihla endaweni yabafileyo, ungisithe kuze kudlule intukuthelo yakho, unginqumele isikhathi, ungikhumbule.
14 Uma umuntu efa, uyakubuye aphile na? Bengiyakulinda zonke izinsuku zomshikashika wami, kuze kufike ukumuka kwami.
15 Ubuyakubiza, mina ngiphendule; ubuyakulangazelela umsebenzi wezandla zakho,
16 yebo, khona ubuyakubala izinyathelo zami, ungaqapheli isono sami.
17 Isiphambeko besiyakuvalelwa esikhwameni, besewusibekela ukona kwami.
18 “Impela intaba iyawa, idilike; idwala liyasuswa endaweni yalo;
19 amanzi ayagubha amatshe; ukuphuphuma kwawo kuyakhukhula uthuli lomhlaba; kanjalo uyachitha nethemba lomuntu.
20 Uyamsukela kuze kube phakade, amuke; uyaguqula ubuso bakhe, ummukise.
21 Amadodana akhe ayadunyiswa, engazi yena; ayeyiswa, engakuqondi.
22 Inyama yakhe iyezwa ubuhlungu bayo kuphela; umphefumulo wakhe uzidabukela wona kuphela.”