Jobe

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42

0:00
0:00

Isahluko 31

“Ngenza isivumelwano namehlo ami: ngingabuka kanjani intombi na?
2 Ngokuba siyini isabelo ebesiyakuvela kuNkulunkulu phezulu, nefa likaSomandla ebeliyakuvela ekuphakameni, na?
3 Akusikho ukubhubha kwabangalungile nengozi kwabenza okubi na?
4 Yena akaboni izindlela zami, abale izinyathelo zami zonke, na?
5 “Uma ngihambile ngamanga, nonyawo lwami luphuthume enkohlisweni,
6 mangilinganiswe ngesilinganiso esilungileyo, ukuze uNkulunkulu azi ukuphelela kwami.
7 Uma izinyathelo zami zichezukile endleleni, inhliziyo yami yalandela amehlo ami, uma kunamathela isisihla ezandleni zami,
8 mangihlwanyele, kudle omunye, yebo, zisishulwe izithelo zami.
9 “Uma inhliziyo yami iyengwe ngowesifazane, ngaqamekela ngasemnyango womakhelwane wami,
10 umkami makasilele omunye, kuguqe abanye phezu kwakhe.
11 Ngokuba lokho ngabe kuyicala, ngabe kungububi bokujeziswa.
12 Ngokuba kungumlilo odlayo kuze kube sekubhujisweni, kusishulwe yonke inzuzo yami.
13 “Uma ngidelele ukwahlulelwa kwenceku yami noma okwencekukazi yami, lapho bephikisana nami,
14 ngiyakwenze njani, lapho uNkulunkulu evuka, nalapho engiphenya, ngingaphendula ngokuthini na?
15 Owangenza mina esiswini, wabenza nabo; owasibumba esizalweni munye.
16 “Uma nginqabele abampofu abakufisayo, ngenza amehlo omfelokazi ukuba afiphale,
17 ngadla ucezu lwami lwesinkwa ngingedwa, ingaludlanga nentandane
18 hhayi, ikhulele kimi kwasebusheni bami njengakuyise; kwasesizalweni sikamame ngangingumholi wabafelokazi
19 uma ngibone obhubhile ngokuswela isambatho, kungekho okokuzimboza kompofu;
20 uma ukhalo lwakhe lungangibusisanga, uma engafudunyezwanga nguboya bezimvu zami;
21 uma ngiphakamisele intandane isandla sami, ngokuba ngabona usizo lwami esangweni,
22 maliwe ihlombe lami esiphangeni, nengalo yami yaphulwe enkothweni yayo.
23 Ngokuba ngesaba ukubhujiswa nguNkulunkulu; ngenxa yokuphakama kwakhe bengingenakwenza lutho.
24 “Uma ngibeke igolide libe yithemba lami, ngathi egolideni elihle: ‘Ngithemba wena;’
25 uma ngithokozile, ngokuba imfuyo yami inkulu nangokuba isandla sami sithole okuningi;
26 uma ngibone ukukhanya ukuthi kuyakhazimula, nenyanga ukuthi ihamba ngencwazimulo,
27 kwayengwa inhliziyo yami esitha, nomlomo wanga isandla sami,
28 nalokho kwakungububi bokujeziswa, ngokuba ngangimphikile uNkulunkulu phezulu.
29 “Uma ngithokozile ngengozi yongizondayo, ngaxhuma lapho eficwa ngokubi
30 kepha angivumelanga ulimi lwami ukuba lone ngokucela ukuphila kwakhe ngesifungo
31 uma abantu betende lami bengashongo ukuthi: ‘Ngubani ongathola umuntu ongasuthanga ngenyama yakhe na?’ —
32 abafokazi kabalalanga phandle, ngavulela izihambi iminyango yami —
33 uma ngisibekele iziphambeko zami njengo-Adamu ngokufihla ububi bami esifubeni sami,
34 ngokuba ngesaba isixuku esikhulu, ngaba novalo lokudelelwa ngabomndeni, ngaze ngathula, angaphuma emnyango —
35 sengathi angaba khona ongizwayo nantu uphawu lwami, makangiphendule uSomandla — ngibe nencwadi ayilobileyo omelana nami!
36 Ngangiyakuyithwala emahlombe ami, ngiyibophe ibe ngumqhele kimi,
37 ngimlandise ngomumo wezinyathelo zami, ngisondele kuye njengesikhulu.
38 “Uma umhlaba wami ukhalile ngami, nemisele yawo ililile kanyekanye;
39 uma ngidlile izithelo zawo ngingenamali, ngenza ukuba bafe abaniniwo,
40 makuhlume ikhakhasi esikhundleni sikakolweni, kuvele ukhula endaweni yebhali.” Amazwi kaJobe asephelile.