Jobe

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42

0:00
0:00

Isahluko 38

UJehova wayesemphendula uJobe esesikhwishikhwishini, ethi:
2 “Ngubani lo owenza mnyama isiluleko ngamazwi angenalwazi na?
3 Bopha izinkalo zakho njengendoda; ngizakukubuza, wena ungazise.
4 Wawukuphi, lapho ngasekela umhlaba, na? Ngitshele, uma ukwazi ukuqonda.
5 Ngubani owanquma izilinganiso zawo, ngokuba uyakwazi phela! Ngubani owelula umucu wokulinganisa phezu kwawo na?
6 Izisekelo zawo zabekwa phezu kwani na? Ngubani owabeka itshe lawo legumbi,
7 lapho izinkanyezi zokusa zahlabelela kanyekanye, nawo onke amadodana kaNkulunkulu ajabula, na?
8 “Ngubani owavalela ulwandle ngezicabha, lapha lwabhoboka kungathi lwaphuma esiswini,
9 lapho ngabeka amafu aba yisambatho salo, nesigayegaye saba yimbeleko yalo,
10 nalapho ngalumisela umncele wami, ngamisa imigoqo nezicabha,
11 ngathi: ‘Uyakufika lapha, kepha ungadluli; lapha amaza akho aziqhenyayo ayakumiswa,’ na?
12 “Emihleni yakho uyalile ukusa, wazisa umthende wokusa indawo yawo
13 ukuba ubambe amagumbi omhlaba, ababi bathintithwe kuwo, na?
14 Uguquka njengebumba lophawu lokunamathelisa; konke kuqhamuka kungathi kwembesiwe.
15 Ababi sebenqatshelwe ukukhanya kwabo, nengalo ephakemeyo yaphuliwe.
16 “Wake wangena emithonjeni yolwandle, wahamba phansi otweni, na?
17 Amasango okufa uwavulelwe, wabona amasango ethunzi lokufa, na?
18 Uqondile ububanzi bomhlaba na? Yisho, uma ukwazi konke.
19 “Iphi indlela eya lapho kuhlala khona ukukhanya, nobumnyama-ke, iphi indawo yabo,
20 ukuze ukuyise emkhawulweni wakho, uqonde imikhondo yendlu yakho, na?
21 Angithi uyakwazi, ngokuba wawusuzelwe, nomumo wemihla yakho mkhulu, na?
22 “Wake wangena ezinqolobaneni zeqhwa, wabona izinqwaba zesichotho,
23 engiziqongelele isikhathi sokuhlupheka nosuku lokulwa nolwempi, na?
24 Iphi indlela eya lapho ukukhanya kwahlukaniselwa khona, nalapho umoya wasempumalanga uhlakazekela khona emhlabeni, na?
25 Ngubani ovulele ukuchichima kwamanzi umsele nonyazi lokuduma indlela,
26 ukunisa imvula emhlabeni lapho kungekho muntu khona, nasehlane elingenamuntu,
27 ukusuthisa ihlane kwahlongasibi, nokuhlumisa uhlaza, na?
28 Kukhona uyise wemvula na? Ngubani owazala amathonsi amazolo na?
29 Iqhwa lavela esiswini sikabani, nesithwathwa sazalwa ngubani, na?
30 Amanzi ayacasha kungathi ayitshe; ubuso botwa buhlangene.
31 “Ungabopha amaketanga esiLimela, uthukulule izintambo zeMpambano, na?
32 Ungakhipha izinkanyezi ngesikhathi sazo, uhole iBhere nabantwana balo, na?
33 Uyazazi izimiso zasezulwini, umise ukumisa kwazo emhlabeni, na?
34 “Ungaphakamisela izwi lakho emafwini, ukuze amanzi amaningi akusibekele, na?
35 Ungathuma imibani ukuba ihambe, isho kuwe, ithi: ‘Bheka, silapha’?
36 Ngubani obeke ukuhlakanipha phakathi komuntu, ngubani onika ukuqonda enhliziyweni na?
37 Ngubani ongabala amafu ngokuhlakanipha, ngubani ongathulula izimvaba zasezulwini,
38 lapho uthuli luphenduka isigaxa, namagabade anamathelane, na?
39 “Uyazingelela ibhubesikazi impango, usuthise iphango lamabhongo,
40 lapho elala emihumeni yawo, ehlezi esikhundleni eqamekele, na?
41 Ngubani olungisela igwababa ukudla kwalo, lapho amaphuphu alo ekhala kuNkulunkulu, ezulazula ngokuswela ukudla, na?