Jobe

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42

0:00
0:00

Isahluko 6

Wayesephendula uJobe ethi:
2 “Sengathi ukuncokolozwa kwami ngabe kulinganiswe nokulinganiswa, inhlupheko yami ibekwe esilinganisweni kanyekanye.
3 Ngokuba manje iyasinda kunesihlabathi solwandle; ngalokho amazwi ami ayengukubheda.
4 Ngokuba imicibisholo kaSomandla ikimi; isihlungu sayo siphuzwa ngumoya wami; izesabiso zikaNkulunkulu ziyangehlela.
5 Imbongolo yasendle iyakhala yini inotshani na? Inkabi iyakhonya isekudleni kwayo na?
6 Okudumayo kungadliwa ngaphandle kukasawoti na? Kukhona ukuklwabusa kokumhlophe kweqanda na?
7 Umphefumulo wami uyala ukukuthinta, kungukudla okunengekayo kimi.
8 “Sengathi isicelo sami singenziwa, uNkulunkulu angiphe lokhu engikubhekayo.
9 Yebo, sengathi uNkulunkulu angangichoboza, athukulule isandla sakhe, anginqume.
10 Lokho ngakube kuhlale kube yinduduzo yami, yebo, ngabe ngijabule ebuhlungwini obungahawukeliyo ukuthi angigodlanga amazwi oNgcwele.
11 Ayini amandla ami ukuba ngingaze ngethembe na? Ukuphela kwami kuyini ukuba ngingaze ngibekezele na?
12 Pho, amandla ami angamandla amatshe yini? Inyama yami iyithusi na?
13 Akusikho yini ukuthi alukho usizo kimi; ukusindiswa kususwa kimi.
14 “Odangeleyo nga ehawukelwa ngumngane wakhe; kepha ukumesaba uSomandla kuyayekwa.
15 Abafowethu bambuluzile njengomfula, njengemithonjana yemifula eshayo,
16 emnyama ngeqhwa, lapho ungqoqwane ezisitheza khona,
17 kepha ngesikhathi sokufudumala inyamalale, ishe endaweni yayo, lapho libalele.
18 Abahamba ngezindlela zayo bayaphambuka, benyukela oqwathuleni, babhubhe.
19 Izihambi zakwaThema zabheka; izindwendwe zakwaSheba zazihlalela.
20 Zajabha, ngokuba zazibhekile; sezifike khona zadana.
21 Ngokuba kalokhu seniyize nje; nibona okwesabisayo niyesaba.
22 Ngasho yini ukuthi: ‘Ngipheni, ninginike isipho empahleni yenu,’ na?
23 noma: ‘Ngikhululeni esandleni sesitha, ningihlenge esandleni sezidlova,’ na?
24 “Ngifundiseni, khona ngiyakuthula mina, ningiqondise lapho ngiduke khona.
25 Ukukhuluma okuqotho kunamandla, kepha ukusolwa nokusolwa yinina kusizani na?
26 Nicabanga yini ukusola amazwi, lokhu ukukhuluma kophelelwa ithemba kungumoya nje na?
27 Yebo, nenza inkatho ngentandane, nithengisa ngomngane wenu.
28 Manje, qalani ukungibuka; kuyakuba sobala, uma ngiqamba amanga.
29 Ake niphenduke, kungabikho ukungalungi, nibuye niphenduke; indaba yami ilungile.
30 Kukhona ukungalungi olimini lwami yini, ulwanga lwami alunakuqonda okubi na?