Jobe

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42

0:00
0:00

Isahluko 39

“Uyazi yini isikhathi sokuzala kwamagogo, uqaphela ukuzala kwezindluzelekazi, na?
2 Ungazibala izinyanga eziziqedayo, uyasazi isikhathi ezizala ngaso, na?
3 Ziyakhonkobala, zizala amazinyane azo, zikhiphe okwemihlelo yazo.
4 Amazinyane azo aqina, akhulela endle; ayahamba, angabe esabuyela kuzo futhi.
5 “Ngubani ovumele imbongolo yasendle ukuba ihambe; ngubani owathukulula izintambo zayo,
6 engenza ihlane libe yindlu yayo, nezwe likasawoti libe yindawo yayo yokuhlala, na?
7 Ihleka umsindo wedolobha, ingezwa ukumemeza komshayeli.
8 Okufunyanwa ezintabeni kuyidlelo layo: ifuna zonke izinto eziluhlaza.
9 “Inyathi iyakuthanda ukukhonza, ihlale ebusuku emkhombeni wakho, na?
10 Ungayibophela inyathi ngentambo emseleni, ibhuqe izigodi emva kwakho, na?
11 Ungayethemba, ngokuba amandla ayo makhulu, ushiye umshikashika wakho kuyo, na?
12 Ungakholwa yiyo ukuba ibuyise imbewu yakho, iyibuthele esibuyeni sakho, na?
13 “Amaphiko entshe ayaphaphaza, kepha angamakhombe nezimpaphe zothando na?
14 Ngokuba iyashiya amaqanda ayo emhlabathini, iwafudumeze othulini.
15 Iyakhohlwa ukuthi unyawo lungawachoboza nokuthi isilwane sasendle singawanyathela.
16 Iphatha kalukhuni amazinyane ayo, kungathi awasiwo awayo; ayinangebhe yokuthi umshikashika wayo ungaba yize.
17 Ngokuba uNkulunkulu wayenza ukuba ikhohlwe ukuhlakanipha, akayabelanga ukuqonda.
18 Lapho indizela phezulu, ihleka amahhashi nabagibeli bawo.
19 “Nguwe onika ihhashi amandla alo, wembathisile intamo yalo umhlwenga oyephuzelayo, na?
20 Ulenze ukuba lixhume njengenkumbi na? Indumo yokuthimula kwalo iyesabeka.
21 Liyaphanda ezigodini, liyesasa ngamandla alo, liyaphuma ukuhlangana nezimpi.
22 Liyahleka ingebhe, alesabi, alibuyi phambi kwenkemba.
23 Isambo siyalikhehlezela nomkhonto okhazimulayo, nengcula.
24 Ngolaka lwalo nangokufutheka kwalo liyagwinya umhlabathi; alimi ngokukhala kwecilongo.
25 Ekuzwakaleni kwecilongo lithi: ‘Nakho-ke;’ lihogela ukulwa kusekude, nendumo yezinduna nokumemeza kwazo.
26 “Uklebe uyandiza ngokuqonda kwakho, awelulele ngaseningizimu amaphiko akhe, na?
27 Ukhozi lwenyukela phezulu ngezwi lakho, lwakhe isidleke salo phezulu, na?
28 Luhlala esiweni, lwakha khona, eweni ledwala eliyinqaba yalo.
29 Lulapho luhlola ukudla kwalo; amehlo alo akubona kusekude.
30 Amazinyane alo amunca igazi; lapho kukhona abagwaziweyo, lukhona nalo.”