Jobe

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42

0:00
0:00

Isahluko 30

“Kepha manje abancane ngeminyaka kunami bayangihleka, oyise babo engangibadelela ukuba ngingababeki naphakathi kwezinja zezimvu zami.
2 Yebo, namandla ezandla zabo angangisiza kanjani, abantu abaphelile iziphika, na?
3 Bondile ngokuswela nangendlala; baququda ugwadule oluyize, olwaluyilohle nakuqala.
4 Bayakha imifino kasawoti ezihlahleni; izimpande zezinwele zingukudla kwabo.
5 Bayaxoshwa phakathi kwabantu; bamemeza emva kwabo njengasemva kwamasela.
6 Bahlala ezigodini ezesabekayo, nesemihumeni yomhlaba, naseziweni.
7 Bayakhonya phakathi kwezihlahla; phansi kwezimbabazane bayabuthana,
8 bengabantwana beziwula, abantwana babangenamagama, beshaywa, bexoshwa ezweni.
9 “Manje sengihaywa yibo, yebo, sengiyisaga sabo.
10 Bayanengwa yimi, bemi kude nami; abayeki ukungikhafulela ngamathe.
11 Bakhululile imichilo yabo, bangithobisa; balahlile itomu phambi kwami.
12 Ngakwesokunene kuvuka amachwensa; agudlumeza izinyawo zami, anginqwabelela izindlela zokubhubhisa.
13 Achitha umkhondo wami; asebenzela ukubhujiswa kwami engazibambi.
14 Angena kungathi ngesikhala esibanzi; phakathi kwencithakalo atheleka phezu kwami.
15 Ingebhe ithululwa phezu kwami; njengomoya luyaxoshwa udumo lwami; inhlalakahle yami iyadlula njengefu.
16 “Manje umphefumulo wami uthululiwe phakathi kwami; izinsuku zosizi zingibambile.
17 Ebusuku amathambo ami ayabhotshozwa, asuke kimi; ubuhlungu obungigedlayo abuphumuli.
18 Ngamandla amakhulu umzimba wami wonakele; unamathela kimi njengentamo yesambatho sami.
19 Ungiphonsile odakeni; sengifana nothuli nomlotha.
20 “Ngikhala kuwe, kepha awungiphenduli; ngimi lapha, uyangibuka nje.
21 Uyaguquka ukuze ungiphathe ngonya; ngamandla esandla sakho uyangizingela.
22 Uyangiphakamisela emoyeni, ungikhwelisa kuwo, wenze ukuba ngincibilike ngokuhlokoma kwesivunguvungu.
23 Ngokuba ngiyazi ukuthi ungiyisa ekufeni nasendlini yokubuthana kwabaphilayo bonke.
24 “Kepha umuntu angelule isandla sakhe encithakalweni, akhale uma esengozini, na?
25 Angimkhalelanga yini ozinsuku zakhe zazilukhuni na? Umphefumulo wami awuhawukelanga abampofu na?
26 Lapho ngabheka okuhle, kwafika okubi; ngalindela ukukhanya, kwafika ubumnyama.
27 Izibilini zami ziyaxhuxhuzela, aziphumuli; izinsuku zosizi zingehlele.
28 Ngihamba ngimnyama, kungenziwanga yilanga; ngisukuma ebandleni ngikhala.
29 Ngingumfowabo wamakhanka, nomngane wezintshe.
30 Isikhumba sami simnyama, siyebuza kimi; amathambo ami ashile ngokushisa.
31 Ihabhu lami seliphenduke isililo, nomtshingo wami uyizwi labakhalayo.