Jobe

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42

0:00
0:00

Isahluko 16

Wayesephendula uJobe, wathi:
2 “Ngizwile izinto eziningi ezinjalo; nina nonke ningabaduduzi ababi.
3 Amazwi angumoya nje awayikuphela yini? Ucunulwa yintoni ukuba uphendule na?
4 Nami ngingakhuluma njengani; uma imiphefumulo yenu ibisesikhundleni somphefumulo wami, bengiyakuhlanganisa amazwi ngani, ngininikinele ikhanda lami.
5 Benginganiqinisa ngomlomo, induduzo yezindebe zami inidambise.
6 “Noma ngikhuluma, ubuhlungu bami abudanjiswanga; noma ngiyeka, kuyini okumuka kimi na?
7 Kepha manje ungikhathazile, uyichithile yonke indlu yami.
8 Ungicindezele, kungubufakazi; ukonda kwami kuyangivukela, kufakaze ebusweni bami.
9 Ulaka lwakhe luyangidwengula, lungizingele; uyangigedlela amazinyo; isitha sami singicijisela amehlo aso.
10 Bangikhamisela imilomo yabo, bangimukula esihlathini ngenhlamba, bangihlanganyela.
11 UNkulunkulu uyanginikela kubantu abonakeleyo, angiphonse esandleni sababi.
12 Ngangihlezi kahle, wangichoboza; wangibamba ngentamo, wangiphahlaza; wangimisa ngibe yisigcibisholo.
13 Abacibishelayo bakhe bangihaqa; uyaqhekeza izinso zami engenasihawu; uchithela inyongo yami emhlabathini.
14 Uyangidiliza nokudiliza futhifuthi, angidumele njengeqhawe.
15 “Ngithungile indwangu yamasaka phezu kwesikhumba sami. ngingcolisile uphondo lwami othulini.
16 Ubuso bami bubomvu ngokukhala; ezinkosheni zami kukhona ithunzi lokufa,
17 noma kungekho ubudlova ezandleni zami nokukhuleka kwami kulungile.
18 Mhlaba, ungathukusi igazi lami; ukukhala kwami makungabi nandawo.
19 Namanje bheka, ufakazi wami usezulwini; ummeli wami usezindaweni eziphakemeyo.
20 Abangane bami bayangiklolodela; iso lami liphophoza izinyembezi kuNkulunkulu
21 ukuba amphikele umuntu kuNkulunkulu nendodana yomuntu kumakhelwane wayo.
22 Ngokuba iyingcosana iminyaka eyakubalwa, ngingakahambi indlela engingayikubuya kuyo.