Jobe

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42

0:00
0:00

Isahluko 36

U-Elihu waqhubeka wathi:
2 “Ngihlalele kancane, ngiyakukubonisa, ngokuba ngisenamazwi okummela uNkulunkulu.
3 Ngiyakulanda kude ulwazi lwami, nginike uMenzi wami ukulunga.
4 Impela amazwi ami awasiwo amanga; unawe ophelele ekwazini.
5 “Bheka, uNkulunkulu unamandla, kepha kadeleli muntu; mkhulu emandleni okuqonda.
6 Akenzi ukuba omubi aphile, kepha abampofu uyabanika ukwahlulelwa.
7 Akabuyisi amehlo akhe kwabalungileyo, kepha ubahlalisa namakhosi ezihlalweni zobukhosi, baphakame kuze kube phakade.
8 Uma beboshwa ngamaketanga, babanjwe ngezintambo zokuhlupheka,
9 uyababonisa izenzo zabo neziphambeko zabo zokuthi baziphakamisile.
10 Uyavulela izindlebe zabo ukulaywa, asho ukuba babuye ebubini.
11 Uma belalela, bamkhonze, bayakuqeda imihla yabo ebuhleni neminyaka yabo kukho okumnandi.
12 Kepha uma bengalaleli, bayakuphela ngenkemba, bafe bengenalwazi.
13 “Abangesabi ngenhliziyo baqongelela ulaka; abakhali lapho ebabopha.
14 Bafa besebasha, ukuphila kwabo kube njengokwezifebe zethempeli.
15 Ukhulula ompofu ngobumpofu bakhe, avule indlebe yabo ngokuhlupheka.
16 “Yebo, nga ekuvusa ukuba uphume emlonyeni wosizi, uye endaweni ebanzi, lapho kungekho kunyinyeka khona, kunone okubekwa etafuleni lakho.
17 Kepha ugcwele ukwahlulelwa kwababi; ukwahlulela nokulunga kuyakubamba.
18 Xwaya ukuba ulaka lungakuvusi usashaywa, ungachezukiswa ngobuningi bamahlawulo.
19 Ukukhala kwakho kungakusiza ukuba ungahlali osizini, nazo zonke izikhwepha zamandla akho, na?
20 Ungafisi ubusuku, lapho abantu beyakususwa ezindaweni zabo.
21 Xwaya ukuba ungabhekisi ubuso bakho ebubini, ngokuba ukhethile lokho kunokuhlupheka.
22 “Bheka, uNkulunkulu uphakeme ngamandla akhe; ngubani ofundisa njengaye na?
23 Ngubani ommisele indlela yakhe na? Ngubani ongasho ukuthi: ‘Wenzile okubi,’ na?
24 Khumbula ukukhulisa izenzo zakhe abahlabelela ngazo abantu.
25 Bonke abantu bayazibona; abokufa bayazibuka besekude.
26 Bheka, uNkulunkulu uphakeme, asimqondi; umumo weminyaka yakhe ayinakuphenywa.
27 “Wenyusa amathonsi amanzi, abuye awathulule njengemvula enkungwini yakhe;
28 amafu awenza ukuba aconse, awathele phezu kwabantu abaningi.
29 Ukhona ongaqonda ukwenekeka kwamafu nokuduma kwedokodo lakhe na?
30 Bheka, uyasakaza ukukhanya kwakhe ngakuye; uyasibekela ubuphansi bolwandle.
31 Ngokuba ngalokho uyabahlulela abantu, aphane kakhulu ngokudla.
32 Uyasibekela izandla zakhe ngokukhanya, akuyale ukuba kushaye isigcibisholo.
33 Umsindo wakhe ulanda ngaye oshisekela ububi ngentukuthelo.