Jobe

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42

0:00
0:00

Isahluko 37

“Yebo, ngenxa yalokho iyathuthumela inhliziyo yami, isuke endaweni yayo.
2 Yizwani, nizwe indumo yezwi lakhe, nemvunge ephuma emlonyeni wakhe.
3 Uyakukhipha phansi kwalo lonke izulu, nonyazi lwakhe luya emagumbini omhlaba.
4 Emva kwalo kuduma izwi; uduma ngezwi lobukhosi bakhe; kalumisi unyazi, lapho lizwakala izwi lakhe.
5 UNkulunkulu uyaduma ngezwi lakhe ngokumangalisayo; wenza izinto ezinkulu esingaziqondi.
6 Ngokuba uthi eqhweni: ‘Khithika emhlabeni;’ kanjalo nasesihlambini semvula, yebo, ezihlambini zemvula zakhe ezinamandla.
7 Uyanamathelisa izandla zabantu bonke ukuba bonke abantu bazi imisebenzi yakhe.
8 Seziya izilwane ezikhundleni zazo, zihlale emihumeni yazo.
9 Isikhwishikhwishi siphuma ekamelweni laso, namakhaza emimoyeni ehlakazayo.
10 Ngokuphefumula kukaNkulunkulu kuvela ungqoqwane, ububanzi bamanzi buqine.
11 Yebo, uyathwesa amafu ngokuswakama; uyeneka amafu onyazi lwakhe.
12 Ayajika, aphenduke njengokunquma kwakhe ukuba enze konke awayalayo ebusweni bomhlaba owakhiweyo,
13 awafikise abe luswazi, afike ngenxa yomhlaba noma ngenxa yomusa.
14 “Beka indlebe kulokhu, Jobe; yima, uqonde izimangaliso zikaNkulunkulu.
15 Uyazi yini ukuthi uNkulunkulu uwayala kanjani, enze ukuba unyazi lwamafu akhe lukhanye na?
16 Uyaqonda yini ukulinganiswa kwamafu, izimangaliso zoPhelele olwazini,
17 wena ozingubo zakho zifudumala, lapho ethulisa umhlaba ngeshisandlu, na?
18 Ungeneka isibhakabhaka njengaye, esiqinile njengesibuko esibunjiweyo, na?
19 Sifundise ukuthi siyakuthini kuye; asinakuhlela indaba yethu ngenxa yobumnyama.
20 Uyakutshelwa ukuthi ngiyakhuluma na? Ukhona yini oshoyo ukuthi makabhubhe na?
21 Manje, abantu abanakukubona ukukhanya okukhazimula esibhakabhakeni,
22 Ngasenyakatho kuvela inkazimulo yegolide; uNkulunkulu wembethe ubukhosi obesabekayo.
23 USomandla singemqonde; mkhulu ngamandla nangokwahlulela; ngokulunga kwakhe okukhulu akoni lutho.
24 Ngalokho abantu bayamesaba; kepha akanaki abazishaya izihlakaniphi ngenhliziyo.”