Jobe

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42

0:00
0:00

Isahluko 5

“Ake umemeze; ukhona okuphendulayo na? Uyakuphendukela kumuphi kwabangcwele na?
2 Ngokuba isiwula siyabulawa ngukukhathazeka, nomhawu uyachitha oyisiphukuphuku.
3 Mina ngibonile isiwula sigxilile, kepha ngaqalekisa indlu yaso ngokuzumayo.
4 Abantwana baso bakude nokusindiswa, bachotshozwa esangweni; akakho obophulayo,
5 abakuvuna kwabo kudliwa ngabalambileyo, bakukhipha nasemeveni; abanxanelayo basezela impahla yabo.
6 Ngokuba usizi aluveli othulini, nokuhlupheka akuphumi emhlabathini,
7 ngokuba umuntu uzalelwa ukuhlupheka, njengokuba izinhlansi ziqhashela phezulu.
8 “Kodwa mina bengiyakumfuna uNkulunkulu; kuNkulunkulu bengiyakubeka indaba yami,
9 yena owenza izinto ezinkulu ezingaphenyekiyo, izimangaliso ezingenakubalwa,
10 yena onisa imvula emhlabeni, athume amanzi ebusweni bamasimu,
11 ukuze aphakamise abayizimpofana nabadabukileyo baphakanyiselwe ukusindiswa.
12 Uyachitha amacebo abanobuqili, ukuze izandla zabo zingabi nakufeza umgomo wabo.
13 Uyabamba abahlakaniphileyo ebuqilini babo; isiluleko soyisigwegwe siyachithwa ngokuphuthuma.
14 Emini bahlangana nobumnyama, baphumputha emini njengasebusuku.
15 Uyasindisa enkembeni yemilomo yabo, yebo, abampofu esandleni sonamandla.
16 Ompofu usenethemba; ububi buvala umlomo wabo.
17 “Bheka, ubusisiwe lowo muntu uNkulunkulu amlayayo; ngalokho ungadeleli ukukhuzwa nguSomandla.
18 Ngokuba uma ezwisa ubuhlungu, ubuye abophe; uyalimaza, kepha izandla zakhe zibuye zelaphe.
19 Uyakophula ezinhluphekweni eziyisithupha; yebo, nakweziyisikhombisa awuyikuthintwa ngokubi.
20 Endlaleni uyakukuhlenga ekufeni nasempini emandleni enkemba.
21 Uyakufihlwa enkalivasini yolimi; awuyikwesaba lapho kufika ukuchitha.
22 Uyakuhleka incithakalo nendlala, nezilo zomhlaba awuyikuzesaba.
23 Ngokuba unesivumelwano namatshe asendle; izilo zasendle zihlalisana kahle nawe.
24 Uyakwazi ukuthi itende lakho linokuthula; uyakuhambela indlu yakho, awuyikusilalelwa lutho.
25 Uyakwazi ukuthi inzalo yakho iyakuba nkulu, abantwana bakho babe njengotshani bomhlaba.
26 Uyakufika ethuneni usuthi ngobudala njengeqhinqa lamabele ngesikhathi salo.
27 Bheka, lokho sikuphenyile; kunjalo; kuzwe, uzazele khona.”