Jobe

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42

0:00
0:00

Isahluko 19

Wayesephendula uJobe, wathi:
2 “Koze kube nini nihlupha umphefumulo wami, ningiphohloze ngamazwi, na?
3 Seningihlazisile kayishumi; aninamahloni okuthi ningiphathe kabi na?
4 Uma impela ngidukile, ukuduka kwami kukimi ngedwa.
5 Uma impela niyazikhukhumezela kimi, niphikisane nami ngehlazo lami,
6 yazini-ke ukuthi uNkulunkulu ungihlanekezele, ungihaqe ngenetha.
7 Bheka, ngikhala ngithi: ‘Ngubudlova!’ Kepha angiphendulwa; ngicela ukusizwa, kodwa akukho ukwahlulelwa.
8 Uvalile indlela yami ukuze ngingabi nakudlula; ubeka ubumnyama emikhondweni yami.
9 Ungikhumulile udumo lwami; ususile umqhele ekhanda lami.
10 Ungidilizile nxazonke, sengimukile; usiphulile ithemba lami njengomuthi.
11 Ungivuthisele intukuthelo yakhe, wangishaya njengezitha kuye.
12 Amabutho akhe afika kanyekanye, alungise indlela ukuba angisukele; amisa nxazonke zetende lami.
13 “Udedisile kimi abafowethu, nabazana nami sebahlukene impela nami.
14 Izihlobo zami zingishiyile, nengazana nabo bangikhohliwe.
15 Abagogobele endlini yami nezincekukazi zami bangishaya umfokazi; ngingowezizwe emehlweni abo.
16 Ngibiza inceku yami, kayingiphenduli; ngiyayinxusa ngomlomo wami.
17 Umoya wami mubi kumkami, ngiyanuka kubantwana besisu sikamame.
18 Yebo, nezingane ziyangidelela; uma ngivuka, zikhuluma ngami.
19 Ababeyizifuba zami bayanengwa yimi; labo ababengithanda sebengifulathele.
20 Amathambo ami anamathela esikhumbeni sami nasenyameni yami; ngisinde ngokulambisa kuphela.
21 Ngihawukeleni, ngihawukeleni, nina bangane bami, ngokuba isandla sikaNkulunkulu singithintile.
22 Ningizingelelani njengoNkulunkulu, ningasuthi ngenyama yami na?
23 “Sengathi amazwi ami angalotshwa! Sengathi angabhalwa encwadini,
24 aqoshwe edwaleni ngepeni lensimbi nangomthofu, kuze kube phakade!
25 Kepha mina ngiyazi ukuthi uMhlengi wami ukhona; ekupheleni uyakuma othulini.
26 Nalapho sesishabalele isikhumba sami, ngiyakumbuka uNkulunkulu ngikhululekile enyameni yami,
27 engiyakumbona uqobo lwami; amehlo ami ayakumbona, kungabi njengomfokazi; okuphakathi kwami kuyaphela esifubeni sami.
28 Uma nithi: ‘Siyakumxosha yini pho! njengokuba impande yendaba ifumaniseka kimi,’
29 yesabani inkemba, ngokuba ulaka lungolwezono ezifanele inkemba, ukuze nazi ukuthi ukwahlulelwa kukhona.”