Jobe

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42

0:00
0:00

Isahluko 17

“Umoya wami usuchithekile, imihla yami iyacimeka; okwami sekuyithuna nje.
2 Impela kukhona abangiklolodelayo, iso lami lisekucunuleni kwabo.
3 Ake unginike isibambiso, ungimele; ngubani oyakuxhawulana nami na?
4 Ngokuba uvalile izinhliziyo zabo zingaqondi; ngalokho awuyikubaphakamisa.
5 Ochaka abangane bakhe ngenxa yesabelo, amehlo abantwana bakhe ayakufiphala.
6 Ungibeke isaga sabantu, ngibe ngokhafulelwa ebusweni.
7 Iso lami lifiphele ngosizi; onke amalungu ami anjengethunzi.
8 Abaqotho bayethuswa yilokho; ongenacala uyavukela ongenaNkulunkulu.
9 Kepha olungileyo ubambelela endleleni yakhe; onezandla ezihlanzekileyo ude eqina njalo.
10 Nokho buyani nonke phela, nize; kodwa angiyikuthola phakathi kwenu ohlakaniphileyo.
11 Imihla yami isidlulile, amasu ami anqunyiwe kanye nemicabango yami yenhliziyo.
12 Ubusuku babenza imini, bathi: ‘Ukukhanya kuseduze nobumnyama.’
13 Uma ngithemba ukuthi indawo yabafileyo iyindlu yami, ngendlalele ukhukho lwami ebumnyameni,
14 ngibize ukubola ngokuthi ubaba nezimpethu ngokuthi umame nodadewethu,
15 liphi, pho, ithemba lami na? Yebo, ithemba lami, ngubani oyakulibona na?
16 Liyakwehlela emigoqweni yendawo yabafileyo, lapho kuyakuba khona ukuphumula othulini kanyekanye.”