Jobe

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42

0:00
0:00

Isahluko 41

“Ungakhipha uLeviyathani ngodobo, ucindezele phansi ulimi lwakhe ngentambo, na?
2 Ungafaka igoda lomhlanga ekhaleni lakhe, ubhoboze umhlathi wakhe ngodobo, na?
3 Uyakwenza imikhuleko eminingi kuwe, akhulume kuwe amazwi athambileyo, na?
4 Uyakwenza isivumelwano nawe ukuba umthathe abe yinceku kuze kube phakade na?
5 Ungadlala naye njengenyoni, umbophele amantombazana akho, na?
6 Abathengi bangathengiselana ngaye, bamahlukanise phakathi kwabahwebi, na?
7 Ungagcwalisa isikhumba sakhe ngezinhlendla, nekhanda lakhe ngamathatha ezinhlanzi, na?
8 Beka isandla sakho kuye; khumbula ukulwa; awusayikukuphinda.
9 Bheka, ithemba lakho liyakhohlisa; nangokumbona nje uyawiswa phansi.
10 Akakho onesibindi sokumvusa. Ngubani, pho, ongema phambi kwami na?
11 Ngubani ongandulele ukuba ngimbuyisele na? Konke okuphansi kwezulu kungokwami.
12 “Angiyikuthula ngezitho zakhe, nangendaba yamandla akhe, nangesimo sakhe esihle.
13 Ngubani ongakhumula isambatho sakhe esingaphandle; ngubani ongangena phakathi kwemihlathi yakhe emibili na?
14 Izicabha zobuso bakhe ngubani ongazivula na? Amazinyo akhe ayesabeka nxazonke.
15 Umhlane wakhe uyizinhla zezihlangu; zinamathelisiwe njengangophawu.
16 Zisondelene esinye kwesinye, kungangeni moya phakathi kwazo.
17 Zinamathelene; zibambelene, azinakwahlukaniswa.
18 Ukuthimula kwakhe kubengezela ngokukhanya; amehlo akhe anjengezinkophe zokusa.
19 Emlonyeni wakhe kuphuma izihlanti, nezinhlansi zomlilo ziyaqhasha.
20 Emakhaleni akhe kuphuma umusi njengasesocweni esibilayo nasemihlangeni eshayo.
21 Ukuphefumula kwakhe kokhela amalahle, nelangabi liphuma emlonyeni wakhe.
22 Entanyeni yakhe kuhlala amandla, nengebhe iyaxhuma phambi kwakhe.
23 Amanya enyama yakhe anamathelene; abunjiwe kuye, awanakususwa.
24 Inhliziyo yakhe iqinile njengetshe, yebo, iqinile njengetshe lokusila elingaphansi.
25 Ekuvukeni kwakhe abanamandla bayesaba; ngenxa yevuso baphela amandla.
26 Noma inkemba ifinyelela kuye, ayinakusiza, noma umkhonto nomcibisholo nengcula.
27 Insimbi uyishaya utshani, nethusi ibunga.
28 Umcibisholo awunakumxosha; amatshe endwayimana aphenduka amabibi kuye.
29 Izagila uzishaya amabibi; uyahleka ukugunquza kwengcula.
30 Ingaphansi lakhe linjengezindengezi ezibukhali; uyenaba njengesibhuqo odakeni.
31 Wenza inzulu ibile njengekhanzi; wenza ulwandle lufane nomfuma wamafutha.
32 Wenza umgudu ukhazimule emva kwakhe; kungathi utwa lungwevu.
33 Emhlabeni akukho okufana naye owenziwa abe ngongesabiyo.
34 Ubona konke okuphakemeyo; uyinkosi phezu kwabo bonke abantwana bokuzikhukhumeza.”