Jobe

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42

0:00
0:00

Isahluko 40

UJehova wayesemphendula uJobe, wathi:
2 “Osolayo uyakuphikisana noSomandla na? Omkhuza uNkulunkulu makaphendule.”
3 UJobe wamphendula uJehova, wathi:
4 “Bheka, angiyinto yalutho; ngingakuphendula ngokuthini na? Ngibeka isandla sami emlonyeni wami.
5 Ngikhulumile kanye, angisayikuphendula, yebo, kabili, kepha angiqhubeki.”
6 UJehova wayesemphendula uJobe esesikhwishikhwishini, wathi:
7 “Bopha izinkalo zakho njengendoda; ngizakukubuza, wena ungazise.
8 Imbala uyachitha ukwahlulela kwami, ungilahle ukuba ube ngolungileyo, na?
9 Unengalo njengoNkulunkulu, ungaduma ngezwi elinjengelakhe, na?
10 Zihlobise ngobukhosi nangokuphakama, wembathe udumo nenkazimulo.
11 Thulula ukuphuphuma kwentukuthelo yakho, ubheke bonke abazidlayo, ubathobise.
12 Bheka bonke abaziphakamisayo, ubehlise phansi, unyathele ababi ezindaweni zabo.
13 Bafihle othulini kanyekanye, ubophe ubuso babo endaweni ethukusiweyo.
14 Khona ngiyakukudumisa nami ngokuthi isandla sakho sokunene singakusindisa.
15 “Ake ubheke uBehemoti engamenza kanye nawe; uyadla utshani njengenkabi.
16 Bheka-ke, amandla akhe asezinkalweni zakhe, nezikhwepha zakhe zisemisipheni yesisu sakhe.
17 Uqinisa umsila wakhe njengomsedari; imisipha yamathanga akhe yalukene.
18 Amathambo akhe anjengemibhobo yethusi; izimbambo zakhe zinjengemigoqo yensimbi.
19 Ungowokuqala wezidalwa zikaNkulunkulu; ekwenziweni waphiwa inkemba yakhe.
20 Izintaba ziyamvezela ukudla, lapho kudlala khona izilwane zonke zasendle.
21 Ulala phansi kwezihlahla ezinomthunzi ekusitheni kwemihlanga nasemaxhaphozini.
22 Izihlahla ezinomthunzi ziyamsibekela ngomthunzi wazo; iminyezane yasemfuleni iyamphahla.
23 Bheka, noma kuphuphuma umfula, akethuki; uyaqalaba, noma iJordani ligijigijimela emlonyeni wakhe.
24 Angabanjwa ebhekile, liqhunjuzelwe ikhala lakhe umkhala, na?