0:00
0:00

Isahluko 104

Mbonge uJehova, mphefumulo wami; Jehova Nkulunkulu wami, umkhulu, wembethe udumo nobukhosi;
2 ogqoka ukukhanya njengengubo, oweneka izulu njengendwangu;
3 obeka imishayo yezindlu zakhe emanzini, owenza amafu abe yinqola yakhe, ohamba ngamaphiko omoya;
4 owenza izingelosi zibe yimimoya, izikhonzi zakhe zibe yilangabi lomlilo.
5 Umisile umhlaba phezu kwezisekelo zawo, ukuze ungazanyazanyiswa kuze kube phakade naphakade.
6 Wawumboza ngolwandle njengengubo; amanzi ema phezu kwezintaba.
7 Ngokukhuza kwakho abaleka, ngezwi lokuduma kwakho ashesha asuka.
8 Enyuka izintaba, ehla izigodi, aze afika endaweni owawuyimisele wona.
9 Umisile umncele ukuba angaweqi, angabuyi ukusibekela umhlaba.
10 Uthumela imithombo ezigodini; yona igijima phakathi kwezintaba.
11 Iyaphuzisa izilwane zonke zasendle, izimbongolo zasendle zicime ukoma kwazo.
12 Izinyoni zezulu zakhile ngakuyo, zizwakalisa izwi lazo phakathi kwamagatsha.
13 Uphuzisa izintaba okuvela emakamelweni akhe; umhlaba uyaneliswa yisithelo semisebenzi yakho.
14 Uhlumisela izinkomo utshani nemifino yokusiza umuntu, ukuze aveze ukudla emhlabeni,
15 newayini elijabulisa inhliziyo yomuntu, namafutha okukhazimulisa ubuso, nesinkwa esiqinisa inhliziyo yomuntu.
16 Iyasutha imithi kaJehova, imisedari yaseLebanoni ayitshalileyo,
17 okwakhele kuyo izinyoni; ugolantethe unendlu yakhe kuyo imisayipuresi.
18 Izintaba eziphakemeyo ngezezimbuzi zasendle; amawa ayisiphephelo sezimbila.
19 Wenza inyanga ibe ngeyokwahlukanisa izikhathi; ilanga liyazi ukushona kwalo.
20 Wenza ubumnyama kube ngubusuku; phakathi kwabo kuphuma izilo zonke zasehlathini.
21 Izingonyama ezintsha zibhongela impango, zifuna ukudla kwazo kuNkulunkulu.
22 Liphuma ilanga, bese zibuyela phansi zilale emihumeni yazo.
23 Bese kuphuma umuntu, aye emsebenzini wakhe nasekukhandlekeni kwakhe kuze kuhlwe.
24 Jehova, yeka ubuningi bemisebenzi yakho; yonke uyenzile ngokuhlakanipha; umhlaba ugcwele izidalwa zakho.
25 Nantu ulwandle, lukhulu, lubanzi; lapho kukhona izilwanyana ezinwabuzelayo ezingenakubalwa, izilwane ezincane nezinkulu.
26 Kuhamba khona imikhumbi, uLeviyathani lowo omenzile ukuba adlale kulo.
27 Zonke lezi zidalwa zibheka wena, ukuze uzinike ukudla kwazo ngesikhathi esiyiso.
28 Uyazinika ukudla, zibuthe; uvula isandla sakho, zisuthe ngokuhle.
29 Uyasitheza ubuso bakho, zethuke; uyasusa umphefumulo wazo, zife, zibuyele othulini lwazo.
30 Uyathumela umoya wakho, zidalwe; wenza bube busha ubuso bomhlaba.
31 Inkazimulo kaJehova mayime kuze kube phakade; uJehova kathokoze ngemisebenzi yakhe,
32 yena obheka umhlaba, besewuthuthumela, othinta izintaba, zithunqe.
33 Ngiyakumhubela uJehova kukho konke ukuphila kwami; ngiyakuhlabelela kuNkulunkulu wami ngisekhona.
34 Ukuzindla kwami makube mnandi kuye; mina mangithokoze kuJehova.
35 Izoni maziphele emhlabeni, kungabe kusaba khona ababi. Mbonge uJehova, mphefumulo wami. Haleluya!