0:00
0:00

Isahluko 97

UJehova uyinkosi; umhlaba mawethabe, zijabule iziqhingi eziningi. 97:1 Isaya 60:9; Zak. 9:9.
2 Amafu nobumnyama kuyamphahla; ukulunga nokwahlulela kuyisisekelo sesihlalo sakhe sobukhosi. 97:2 Eks. 19:16.
3 Umlilo uyahamba phambi kwakhe, udla izitha zakhe nxazonke. 97:3 IsAmb. 4:5.
4 Imibani yakhe ikhanyisa izwe; umhlaba uyakubona, uthuthumele.
5 Izintaba zincibilika njengengcina phambi kukaJehova, phambi kweNkosi yomhlaba wonke. 97:5 Mika 1:4.
6 Amazulu ashumayela ukulunga kwakhe; izizwe zonke zibona inkazimulo yakhe. 97:6 AmaH. 8:1.
7 Mabajabhe bonke abakhonza izithombe ezibaziweyo, abazigabisa ngezithombe. Mkhonzeni nina nonke bonkulunkulu. 97:7 Eks. 20:3; Isaya 42:17; Heb. 1:6.
8 ISiyoni liyezwa, liyajabula; ngenxa yezahlulelo zakho, Jehova. 97:8 Isaya 12:6.
9 Ngokuba wena Jehova uphezu komhlaba wonke, uphakeme kakhulu phezu kwawonkulunkulu bonke. 97:9 AmaH. 83:18.
10 Nina enithanda uJehova zondani okubi; uyagcina imiphefumulo yabamkhonzayo; uyabasindisa ezandleni zababi. 97:10 Am. 5:14; Joh. 10:28; Rom. 12:9.
11 Ukukhanya kuhlwanyelelwe olungileyo, ukujabula kuhlwanyelelwe abanhliziyo ziqotho. 97:11 AmaH. 112:4.
12 Jabulani kuJehova nina balungileyo, nibonge igama lakhe elingcwele.