0:00
0:00

Isahluko 111

Haleluya! Ngiyakubonga uJehova ngenhliziyo yami yonke emhlanganweni nasebandleni labaqotho.
2 Mikhulu imisebenzi kaJehova, iphenywa yibo bonke abathokoza ngayo.
3 Umsebenzi wakhe ungubukhosi nodumo, nokulunga kwakhe kumi phakade.
4 Wenzele izimangaliso zakhe isikhumbuzo; uJehova unomusa nobubele.
5 Abamesabayo ubapha ukudla; ukhumbula njalo isivumelwano sakhe.
6 Ubonisile abantu bakhe amandla emisebenzi yakhe ngokubapha ifa labezizwe.
7 Imisebenzi yezandla zakhe iyiqiniso nokwahlulela; imithetho yonke yakhe iqinile;
8 imisiwe ngeqiniso nangobuqotho.
9 Wabathumela abantu bakhe ukukhululwa; uyalezile isivumelwano sakhe kuze kube phakade; lingcwele, liyesabeka igama lakhe.
10 Ukumesaba uJehova kungukuqala kokuhlakanipha; banengqondo enhle bonke abakwenzayo. Udumo lwakhe lumi kuze kube phakade.