0:00
0:00

Isahluko 6

Kumholi wokuhlabelela. Ngogubhu. NgeSheminti. Ihubo likaDavide. Jehova, ungangijezisi ngentukuthelo yakho, ungangishayi ngolaka lwakho.
2 Yiba nomusa kimi, Jehova, ngokuba ngidangele; ngiphilise, Jehova, ngokuba amathambo ami ayathuthumela,
3 nomphefumulo wami uyathuthumela, kepha wena Jehova, koze kube nini na?
4 Buya, Jehova, ukhulule umphefumulo wami, ungisindise ngenxa yesihawu sakho.
5 Ngokuba akukho ukukhumbula wena ekufeni; ngubani oyakukubonga endaweni yabafileyo na?
6 Ngikhathele ukububula kwami; ngimanzisa icansi lami njalo ebusuku, ngimanzisa ukhukho lwami ngezinyembezi zami.
7 Iso lami liyafiphala ngokudabuka; liyaguga ngenxa yezitha zami zonke.
8 Dedani kimi nina nonke enenza okubi, ngokuba uJehova ulizwile izwi lokukhala kwami;
9 uJehova uzwile ukunxusa kwami, uJehova uyamukela umkhuleko wami.
10 Zonke izitha zami ziyakujabha, zishaywe luvalo; ziyakuhlehla, zijabhe ngokuphazima kweso.