0:00
0:00

Isahluko 132

Igama lokukhuphuka. Jehova, mkhumbulele uDavide zonke izinhlupheko zakhe
2 ukuthi wafunga kuJehova, wenza isithembiso kuye onguMninimandla kaJakobe, ethi:
3 “Angiyikungena etendeni lendlu yami; angiyikwenyukela embhedeni wami;
4 angiyikunika amehlo ami ubuthongo, nezinkophe zami ukozela
5 ngingakatholeli uJehova indawo, indlu yonguMninimandla kaJakobe.”
6 Bheka, sizwile ngakho e-Efratha, sakufumana ezweni laseJari.
7 “Masingene endlini yakhe, sikhuleke ngasesenabelweni sezinyawo zakhe.
8 Vuka, Jehova, uye ekuphumuleni kwakho, wena nomphongolo wamandla akho.
9 Abapristi bakho mabembeswe ukulunga, abangcwele bakho bethabe.”
10 Ngenxa yenceku yakho uDavide mawungaphenduli ubuso bogcotshiweyo wakho.
11 UJehova ufungile kuDavide ngeqiniso, akabuyi kukho, ethi: “Owenzalo yomzimba wakho ngiyakumbeka esihlalweni sakho sobukhosi.
12 Uma abantwana bakho begcina isivumelwano sami nobufakazi bami engiyakubafundisa bona, khona abantwana babo bayakuhlala esihlalweni sakho kuze kube phakade.”
13 Ngokuba uJehova ukhethile iSiyoni; ulithandile libe yindawo yakhe yokuhlala:
14 “Yona ingeyokuphumula kwami kuze kube phakade; lapha ngiyakuhlala khona, ngokuba ngiyifunile.
15 Ngiyakubusisa kakhulu ukudla kwalo; abampofu balo ngiyakubasuthisa ngesinkwa.
16 Abapristi balo ngiyakubembesa insindiso; abangcwele balo bayakumemeza nokumemeza ngenjabulo.
17 “Ngiyakuhlumisa uphondo lukaDavide, ogcotshiweyo wami ngimlungisele isibani.
18 Izitha zalo ngiyakuzembesa ihlazo, kepha kuyena uqobo umqhele wakhe uyakukhazimula.”