0:00
0:00

Isahluko 24

ElikaDavide. Ihubo. Umhlaba ungokaJehova nokugcwala kwawo, izwe nabakhileyo kulo.
2 Ngokuba yena wawusekela phezu kwezilwandle, wawumisa phezu kwemifula.
3 Ngubani oyakukhuphukela entabeni kaJehova, ngubani oyakuma endaweni yakhe engcwele na?
4 Yilowo onezandla ezingenacala nenhliziyo ehlanzekileyo, ongaphenduleli umphefumulo wakhe emangeni nongafungi ngenkohliso.
5 Uyakwamukela isibusiso kuJehova nokulunga kuNkulunkulu wensindiso yakhe.
6 Yilesi esiyisizukulwane sabamfunayo; bona abasinga ubuso bakho bangabantwana bakaJakobe. Sela
7 Phakamisani, masango, izinhloko zenu; nani minyango yaphakade, phakamani ukuba iNkosi yenkazimulo ingene.
8 Ingubani le Nkosi yenkazimulo na? InguJehova onamandla, oyiqhawe, uJehova oyiqhawe lokulwa.
9 Phakamisani, masango, izinhloko zenu; nani minyango yaphakade, phakamani ukuba iNkosi yenkazimulo ingene.
10 Ingubani le Nkosi yenkazimulo na? UJehova Sebawoti nguyena oyiNkosi yenkazimulo. Sela