0:00
0:00

Isahluko 115

Ungasiphi thina, Jehova, ungasiphi thina, kepha uliphe igama lakho inkazimulo ngenxa yomusa wakho nangenxa yeqiniso lakho.
2 Abezizwe bayakusho ngani ukuthi: “Uphi manje uNkulunkulu wabo na?”
3 Kepha uNkulunkulu wethu usezulwini; wenza konke akuthandayo.
4 Izithombe zabo ziyisiliva negolide, umsebenzi wezandla zomuntu.
5 Umlomo zinawo, kepha azikhulumi; amehlo zinawo, kepha aziboni.
6 Izindlebe zinazo, kepha azizwa; zinamakhala, kepha azihogeli.
7 Zinezandla, kepha aziphathi; zinezinyawo, kepha azihambi; azikhulumi ngomphimbo wazo.
8 Abazenzayo bayafana nazo, bonke abazethembayo.
9 Israyeli, themba kuJehova; yena ulusizo lwabo nesihlangu sabo.
10 O wena ndlu ka-Aroni, themba kuJehova; yena ulusizo lwabo nesihlangu sabo.
11 Nina enimesabayo uJehova thembani kuJehova; yena ulusizo lwabo nesihlangu sabo.
12 UJehova usikhumbulile; uyakubusisa, abusise indlu ka-Israyeli, abusise indlu ka-Aroni.
13 Uyakubusisa abamesabayo uJehova, abancane nabakhulu.
14 UJehova uyakunandisa, nina nabantwana benu.
15 Manibe ngababusisiweyo bakaJehova owenzile izulu nomhlaba.
16 Izulu liyizulu likaJehova, kepha umhlaba wawunika abantwana babantu.
17 Abafileyo abamdumnisi uJehova, qha, noyedwa kwabehlelayo ekuthuleni.
18 Kepha thina siyakumbonga uJehova kusukela kulesi sikhathi kuze kube phakade. Haleluya!