0:00
0:00

Isahluko 75

Kumholi wokuhlabelela. Indlela: Ungachithi. Ihubo lika-Asafa. Igama. Siyakubonga, Nkulunkulu, siyabonga; igama lakho liseduze; balanda izimangaliso zakho.
2 Lapho ngiyakugcina isikhathi esimisiweyo, ngiyakwahlulela ngokulunga.
3 Umhlaba uyancibilika nabo bonke abakhe kuwo; mina ngimisile izinsika zawo. Sela
4 Ngithe kwabazidlayo: “Ningazidli,” nakwababi: “Ningaphakamisi uphondo.
5 Ningaluphakamiseli phezulu uphondo lwenu, ningajoqi ngentamo elukhuni.”
6 Ngokuba ukuphakanyiswa akuveli empumalanga nasentshonalanga nasehlane lasezintabeni,
7 kepha uNkulunkulu ungumahluleli; omunye uyamehlisa, omunye amphakamise.
8 Ngokuba esandleni seNkosi kukhona isitsha; iwayini liyakhephuza; sigcwele ngeliqungiweyo, yona iyathulula ngaso; impela bonke ababi emhlabeni bayakuyimunca inhleze yalo, bayiphuze.
9 Kepha mina ngiyakumemezela ngakho kuze kube phakade, ngidumise uNkulunkulu kaJakobe.
10 Zonke izimpondo zababi ngiyakuzinquma; kepha izimpondo zolungileyo ziyakuphakanyiswa.