0:00
0:00

Isahluko 47

Kumholi wokuhlabelela. Elamadodana kaKora. Ihubo. Shayani izandla, zizwe zonke; hlokomani kuNkulunkulu ngezwi lokuhalalisa. 47:1 AmaH. 66:1.
2 Ngokuba uJehova oPhezukonke uyesabeka; uyinkosi enkulu phezu komhlaba wonke. 47:2 Zak. 14:9; Mal. 1:14.
3 Wathobisa abantu phansi kwethu, nezizwe phansi kwezinyawo zethu. 47:3 AmaH. 18:48.
4 Wasikhethela ifa lethu, udumo lukaJakobe amthandayo. Sela
5 UNkulunkulu wenyukile ngokuhlokoma, uJehova ngokukhala kwecilongo. 47:5 AmaH. 68:18.
6 Hubelani uNkulunkulu, hubani! Hubelani iNkosi yethu, hubani!
7 Ngokuba uNkulunkulu uyinkosi yomhlaba wonke; hubani ihubo!
8 UNkulunkulu uyabusa izizwe; uNkulunkulu uhlezi esihlalweni sakhe esingcwele sobukhosi. 47:8 AmaH. 22:28.
9 Izikhulu zabantu zibuthene, zibe yisizwe sikaNkulunkulu ka-Abrahama, ngokuba izihlangu zomhlaba zingezikaNkulunkulu; uphakeme kakhulu.