0:00
0:00

Isahluko 141

Ihubo likaDavide. Jehova, ngiyakhala kuwe, ngiphuthume; lalela izwi lami, nxa ngikhuleka kuwe.
2 Umkhuleko wami mawube njengempepho ebusweni bakho, nokuphakanyiswa kwezandla zami njengomnikelo wakusihlwa.
3 Jehova, bekela umlomo wami umlindi, ugcine umnyango wezindebe zami.
4 Ungaphenduleli inhliziyo yami entweni embi ukuba ngenze imisebenzi yobubi kanye nabantu abenza okubi, ngingadli izibilebile zabo.
5 Olungileyo makangishaye, kungumusa kimi; angisole, kungamafutha ekhanda; ikhanda lami malingawenqabi, ngokuba nasebubini babo umkhuleko wami uyobe usekhona.
6 Abahluleli babo bayakuphonswa eweni; bayakuzwa ukuthi amazwi ami amnandi.
7 Njengalokhu umuntu elima, eklaya umhlabathi, amathambo ethu ahlakazekile ngasemlonyeni wendawo yabafileyo.
8 Kepha amehlo ami akuwe Jehova Nkosi yami; ngiyakwethemba wena; ungathululi umphefumulo wami.
9 Ngihlenge ogibeni abangibekele lona, nasezihibeni zabenza okubi.
10 Ababi mabawele emanetheni abo, mina ngidlule kuwo.